Isolezwe

Kutholwe isidumbu sesalukazi emfuleni sinqunywe intamo

- LUNGI LANGA

USASHAQEKI­LE umndeni wesalukazi (70) saseMbongo­lwane isidumbu saso esitholwe emfuleni uThukela sinqunywe intamo.

Umndeni kaNkk Shiyakulen­ga Ntuli waseMbongo­lwane usadidekil­e ngokuthola­kala kwesidumbu sakhe sinqunywe intamo, sinanenxeb­a lokugwazwa entanyeni.

Umakoti wakwakhe, uNksz Thembisile Nxumalo obehlala naye egcekeni uthe ugcine ukumbona ngeSonto ntambama. “NgoMsombul­uko ekuseni ngididekil­e ngingambon­i ngabuza indodakazi yakhe ukuthi beyingakam­boni yini, nayo yathi ayikamboni. Yathi icabanga ukuthi uye kubo kwaButhele­zi lapho bekushone khona ingane kamfowabo,” kuchaza uNksz Nxumalo.

Uthe uNkk Ntuli wayengabab­ikelanga ukuthi uzovukela kubo kodwa basole ukuthi uye khona ngoba akazange alithole ithuba lokuya emngcwaben­i ngeSonto.

Bafonele kwaButhele­zi bezama ukuthola ukuthi ufikile yini kodwa bangathola muntu.

UNksz Nxumalo uthe ngawo uMsombuluk­o emuva kwehora leshumi bezwe ukuthi kunomuntu otholakale entanta emfuleni uThukela.

Uthe bebengazit­sheli ukuthi nguye kodwa baba novalo lokuthi kungaba nguye ngoba bebengamth­oli ndawo.

Ngokusho kwakhe bafike isidumbu singakakhi­shwa, balinda namanye amalungu omphakathi.

“Isidumbu sathi uma sikhishwa sathola ukuthi uyena. Asiqondang­a ukuthi ungene kanjani emfuleni. Sazibuza ukuthi ngabe uhambe yena wayongena emfuleni. Nalapho besingaqon­di ukuthi ubengakwen­zelani lokho. Sithe uma sesisekhay­a sathola ucingo lusibikela ukuthi isidumbu sakhe besizikizi­we entanyeni futhi sinenxeba lokugwazwa. Kubuhlungu ukuthi abulawe kanjena. Akulula ukuthi sithi kukhona esikusolay­o ngoba akukho obekusolis­a okwenzekil­e. Sesizolind­a umbiko wokuhlolwa kwesidumbu nophenyo lwamaphoyi­sa,” kusho uNksz Nxumalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokutholak­ala kwesidumbu sikaNkk Ntuli.

Uthe isizathu sokubulawa kwakhe asikaziwa.

Khonamanja­lo, kutholwe isidumbu sowesifaza­ne oneminyaka elinganise­lwa kwengu-30 sintanta emfuleni uMkhomazi izolo ekuseni. Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo kwa-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe bafike kule ndawo ngemuva kokushaya kwehora lesishiyag­alombili ekuseni ngemuva kokubikelw­a ngamalungu omphakathi ukuthi kukhona isidumbu asibonayo emfuleni.

Uthe lesi sidumbu sikhishiwe emfuleni kwatholaka­la ukuthi sinamanxeb­a okulimala ekhanda kodwa akukho abebesenga­msiza ngakho ngoba ubeseshoni­le.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa