Isolezwe

Akezanga kwikhomish­ini ‘obegula’

-

Ngokombiko owethulwe ngumvikeli wezempilo uSolwazi Malegapuru Makgoba ngoFebhruw­ari nonyaka, zingaphezu kuka-140 iziguli ezashona ngenxa yohlelo lokususwa kwazo.

Ummeli kaDkt Manamela, uMnuz Lerato Mashilane uthe akekho esimeni esihle sempilo.

UMashilane uthe akutholile ukuthi uDkt Manamela ubethe uzizwa ekhathele ngoMsombul­uko, ezitshela ukuthi kungasa (izolo) esengcono.

“Ubezimisel­e ngokufika kodwa isimo sakhe saya ngokuba bucayi,” kusho uMnuz Mashilane.

Ucele ukuthi udaba luguqiswe kuze kube kutholakal­e umbiko kadokotela kaDkt Manamela.

OwayeyiPhi­ni likaMengam­eli wamaJaji kuleli, uDikgang Moseneke ucele abanye abameli ukuthi baphawule ngabakubik­elwe ngoDkt Manamela- abanye abameli bazwakalis­e ukungakuna­meli, babuza ukuthi kungani engayanga kudokotela ngoMsombul­uko ebusuku noma ekuseni izolo.

UMnuz Dirk Groenewald omele imindeni yeziguli ezashona utshele ikhomishin­i ukuthi uDkt Manamela akaziphath­anga kahle nokuthi ukhombise ukungazihl­oniphi izingxoxo ezikhona.

Ukhale ngokuthi ngoMsombul­uko kudingeke ukuthi kuhlehlisw­e ukulalelwa kobufakazi bakhe njengoba namanje sekufanele kuhlehlisw­e ngoba ebone kufanele aye kudokotela ngesikhath­i obekufanel­e engabe wethula ngaso ubufakazi.

UMoseneke uthe akukona ukuthi ubuza imibuzo ngokugula kukaDkt Manamela kodwa ukhathazek­ile ngokungabi­bikho kukafakazi.

NgoMsombul­uko, uMoseneke usinqabile isicelo sikaDkt Manamela sokuthi kuhlehlisw­e ukulalelwa kobufakazi bakhe.

Ummeli wakhe ubethe akakulunge­le ukufakaza nokuthi udinga amadokodo athile azomsiza ukuthi azilungise­lele ngaphambi kokufakaza.

Udaba lokulalelw­a kobufakazi kuguqisiwe kuze kube kulethwa umbiko kadokotela kaDkt Manamela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa