Ngiqale ukulandela umculo kaMadlanduna ngo-2011: Khanyi
NGESIKHATHI kudlula emhlabeni ingcwepheshe yomculo kamaskandi, uBhekumuzi Luthuli, abalandeli beSlomo sakwaMolo bafa olwembiza. Nakuba kunjalo kodwa indodana kaBhekumuzi, uMadlanduna ibukeka isivala thaqa isikhala sikayise emculweni ngobugcokama nephimbo. Naye uMadlanduna useqalile ukuvelela emculweni njengoba eke wahamba phambili kwiTop 10 yomaskandi oKhozini ngokudayiswa kwamacwecwe akhe ezitolo zomculo.
UCHARLES KHUZWAYO ulumane indlebe nomholi wabalandeli bakaMadlanduna uSIYANDA KHANYI.
CHARLES (CK): Ngamafuphi, ngubani uSiyanda?
SIYANDA (SK): Mina ngiyingane yesithupha ezinganeni eziyishumi nambili bakamama uNtombi Ntuli nobaba uBhekizitha Khanyi. Ngidabuka eVryheid, eNgoje, esigodini sakwaXamu kodwa ngokuhlala ngisehostela laseVosloorus, eGoli, eMazulwini. Angikaganwa futhi anginayo ingane. Ngiqale ukufunda eGobeni Combined KwaXamu, eVryheid, kodwa ngaphothula ibanga leshumi eKhanyiseluzulu eTholakele, eDumbe.
Awukho umsebenzi engiwufundele kodwa ngiyiScale Attendant enkampanini yezemikhiqizo yobuhle iRevlon.
CK: Wayibeka yacaca indaba. Ungena kanjani emculweni kamaskandi?
SK: Ngingene emculweni kamaskandi ekuqaleni kweminyaka yama 1990s, kwazise ekhaya bekudlalwa wona, ikakhulukazi okaBhekumuzi Luthuli. Umculo kaMadlanduna wona ngiqale ukuwulandela kusukela ngo-2011 ngesikhathi ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala.
CK: Yikuphi ofike nakho nokuthuthukise uMadlanduna?
SK: Ngifike ngafaka umbono wokuthi singathengi umculo kaMadlanduna kuphela kodwa kumele siweseke wonke amaciko ngoba angawethu wonke ukuze nabalandeli bomculo wabo bezokwazi ukweseka uMadlanduna. Engiziqhenya ngakho wukuthi ngifake umculo kaMadlanduna lapho ngisuka khona, ngawufaka emsebenzini ngisho nezinye izinhlanga ziyamazi uMadlanduna ngokubona mina ngigqoke izikibha zakhe. Ngiphinde ngibasize ngolwazi lokuthi bangawuthola kuphi umculo wakhe, naku-facebook wami abangani bami bayalwazi udaba, yingakho ngithola imiyalezo eminingi ebuza ngoMadlanduna kuma-inbox.
CK: Mangaki amagatsha abalandeli baMadlanduna?
SK: Sathatha isinqumo sokuthi singawavuli amagatsha ngoba uMadlanduna uculela iNingizimu Afrika yonke hhayi iqeqebane elithile ngoba noma sisemicimbini, wonke umuntu uyasithokozela.
CK: Zingaki izinduna ezingaphansi kobuholi bakho?
SK: Thina asinazo izinduna, siyalingana kwazise akekho ongaphezu komunye.
CK: Yimiphi imibala eniyisebenzisayo njengabalandeli?
SK: Sisebenzisa umbala obomvu nomhlophe. Ngobomvu sisuke siqhakambisa ubungozi bukaMadlanduna kithi ngokuqamba kwakhe izingoma. Akafudumezi ezabaculi bekwaito nanokuthi uyingozi ngoba uyaqondanisa kushuni kaMfoka Molo (Bhekumuzi).
Omhlophe sawukhetha ngoba siqhakambisa ubuqhawe bukaBhekumuzi Luthuli kwazise wayewuthanda futhi eyigcokama lakwabo.
CK: Njengabalandeli niteketiswa ngaliphi igama?
SK: Siteketiswa ngeleMolo Magic, okuyigama elinomlando.
CK: Yini eyenza wakhetha ukuphuma iqhubu noMadlanduna?
SK: Ngamkhetha ngoba ngangiwuthanda ngenhliziyo yami yonke ushuni kaBhekumuzi Luthuli. Wonke amanoni anomlayezo, akaphindi izinhlamvu ezizodwa. Kwase kufika uMadlanduna, wafike wangithokozisa ngokuhamba ezinyathelweni zikababa wakhe ngokubhala izingoma ezinomlayezo ocacile nangokuba yigcokama.
CK: Uma sengikhuluma ngawe ngqo, ukhonze kuphi ukudla?
SK: Ipapa nenyama yangaphakathi yenkomo.
CK: Ngaphandle komculo kamaskandi, lukhona olunye uhlobo lomculo oluthandayo?
SK: Ngilalela umculo kamaskandi kuphela.
CK: Ngaphandle kukaMadlanduna, bakhona abanye abaculi obakhonzile?
SK: Ngikhonze wonke umculo kamaskandi, ngicabanga ukuthi nabo abaculi bengayifakaza leyo.
CK: Uma ungekho matasatasa, ukhonze ukuyophumula kuyiphi indawo?
SK: Ngiyathanda ukuya eMall of Africa, East Rand Mall nokuya kwaMai Mai
CK: Emaqenjini ebhola akuleli,uhamba naliphi? SK: I-Kaizer Chiefs CK: Ezinhlelweni zethelevishini ukhonze ziphi? SK: Isibaya neGazi CK: Iyiphi induna yabalandeli bamaskandi ongayenza inkosi yazo zonke futhi awubeke isizathu?
SK: Ngingakhetha uVelo Bhengu ngenxa yokuthi uzithobile emehlweni omhlaba kamaskandi kodwa ngimthanda kakhulu ngokubamba abalandeli baMageza Amahle sekwedlule uMtshengiseni. Akabantshontshanga abalandeli ngokuthi akhiphe eyakhe i-albhamu kodwa waqhubeka nokwethembeka emndenini wakwaGcwensa futhi usawulwela umsebenzi weNdidane.
CK: Sesiphetha, uthini umyalezo wakho kubalandeli bakaMadlanduna?
SK: Kozakwethu esinabo, ngeke ngibashiye ngaphandle oNtwezimnandi, Nomalizo, Mjeyi, Khandeliluhlaza, Nduduzo noBhebhe nabanye abaningi. Ngithi zingane zakwethu asiyibambe ishisa isiyopholela ezandleni.