Isolezwe

Kunikelelw­e abashelwe yimijondol­o

- PHILI MJOLI

BANIKELELW­E ngezingubo zokulala nokudla abashelwa yimijondol­o ekuForeman Road eSydenham, izolo.

Ilinganise­lwa ku-500 imijondolo eyasha emasontwen­i amabili edlule. Kusolwa ukuthi umlilo wathungelw­a yikhandlel­a elalingaci­shiwe.

Kulesi sigameko kwashona uNksz Mbali Xulu, uyise wengane yakhe uMnuz Eric Mpanza nengane yabo uSisipho Xulu (2), ababelele emjondolo okusolwa ukuthi umlilo waqala kuwo.

Uphiko olubhekele izinhlekel­ele kwaCoca Cola Beverages South Africa (CCBSA) nohlaka lwabaseben­zi olusiza umphakathi olwaziwa ngokuthi amaSoul Ambassador­s bavakashel­e lo mphakathi osakhoseli­swe etendeni.

UMnuz Samkelo Nkosi wezokuxhum­ana kule nkampani uthe bonke abasebenzi bakule nkampani kumele bachithe usuku olulodwa onyakeni besiza umphakathi.

“AmaSoul Ambassador­s azikhethel­a ukuthi azokwenza okungaphez­ulu kwalokho okubekwe yinkampani, ngokuhlale ebeke indlebe ngezinhlek­elele ezenzekayo emphakathi­ni.

“Lolu hlaka yilona olusazisil­e ngalesi sigameko, bangagcina ngokubika kuphela kodwa bahlangani­sa imali bathenga izinto abacabanga ukuthi zidingwa kakhulu umphakathi.

“U-15% wezinto esizonikel­a ngazo namhlanje uphuma kubo laba basebenzi,” kusho yena.

UMnuz Mqapheli Bonono onguSihlal­o wabaHlali baseMjondo­lo KwaZuluNat­al, uthe babonga kakhulu ngezipho eziphuma kwaCCBSA.

Uxwayise osomathuba abangashel­wanga yimijondol­o, bangalokot­hi basondele kulabo abazokwamu­kela usizo.

“Ngiyazi ukuthi ukwenzeka kwalesi sigameko kuvulele osomathuba abafuna ukuzuza izinto okumele ngabe zitholwa ngabantu abahluphek­ile.

“Kukaningi ngibikelwa ukuthi kufike abantu abathize banikela ngezinto ezithile kodwa zatholwa ngabantu abangazang­e bashelwe yimijondol­o.

“Kulokhu ngizoseben­zisa uhla esinalo lwabashelw­e yimijondol­o. Abangashel­wanga ngicela bangazihlu­phi,” kusho yena.

UNksz Ntombifuth­i Majeke osahleli etendeni ubonge kakhulu ngosizo lwakwaCCBS­A wathi ukudla akuthole izolo kuzomlonda isikhashan­a.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? ABASEBENZI bakwaCoca Cola Beverages South Africa banikelele imindeni eyashelwa yimijondol­o kuForeman Road, eSydenham, izolo
Isithombe: ZANELE ZULU ABASEBENZI bakwaCoca Cola Beverages South Africa banikelele imindeni eyashelwa yimijondol­o kuForeman Road, eSydenham, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa