Inkinga yesikweletu sika-R3.6bn ngama-e toll
ABAKWA-South African National Roads Agency Limited (Sanral), bathi bafunde lukhulu ngokuphoqelela ama-e toll abantu bengawafuni, okumanje kunesikweletu sawo sikaR3.6 billion.
Lokhu kuvele izolo eThekwini, engqungqutheleni yokubheka umhlahlandlela ngokusebenza kwalolu hlaka. UMnuz Siphiwo Mxhosa oyiStakeholder Manager, uthe okubehlele kube yisifundo sokuthi kubalulekile ukulalela abantu. UMxhosa uthe sebeqale izithangami ezihlanganisa zonke izinhlaka abasebenzisana nazo okubalwa nezomphakathi ukuzwa izidingo zazo.
“Akukho okungalunga uma abantu bengalalelwa. Akusizi ukuthi uhulumeni abe kude nabantu, athathe izinqumo kodwa bengezwakalanga abantu ukuthi bafunani. Indaba yama-e toll iyisibonelo sokuthi kwenzekani uma abantu bengalalelwa,” kusho uMxhosa.
Uthe inhloso yengqungquthela yayizolo wukucubungula umbono obizwa ngeHorizon 2030 lapho kuhlelwa ukuthi iSanral ibhekephi. Kule ngqungquthela bekudingidwa nomqulu wenqubo migomo noweHorizon 2030.
UMnuz Thabiso Malahleha oyimenenja yezinhlelo kwaSanral uthe ngeke basicishe isikweletu sama-e toll kodwa akukacaci ukuthi sizoqoqwa kanjani.
“Kuyadingeka ukuthi siqoqwe lesi sikweletu ngoba bakhona abakhokha kahle, abukho ubulungiswa uma abanye bezoyekwa. Ngeke ngiphawule ngalolu daba ngoba selungaphezu kwethu. Sesibheke osopolitiki asebengenelele, abazoqhamuka nokumele kwenzeke,” kusho uMalahleha.
Uthe bakwenza okwakufanele njengoba bayilandela nemigudu yenkantolo. Uveze nokuthi ezokuthutha umphakathi azisawakhokhi ama-e toll ngoba kube nezikhalo ikakhulukazi kosomatekisi abasebenzisa kakhulu umgwaqo.
Phakathi kwezinhlelo eziqukethwe yiHorizon 2030 kukhona nolokufaka kakhulu imiphakathi ezinhlelweni zokwakha imigwaqo. Kuzoqashwa nomakadebona bamasosha omkhonto ukugada izindawo okwakhiwa kuzona imigwaqo okwande ukweba nokuphazanyiswa komsebenzi kuzona. Kuzobhekelelwa nosomabhizinisi abamnyama abancane ezinhlelweni zakwaSanral. Lo mbono weHorizon 2030 uhlose nokuthi abakwaSanral babheke ezinye izindlela zokuzakhela imali ngaphandle kokuthembela kuhulumeni.
Abebehambele ingqungquthela bathole ithuba lokubuza ngezinhlelo ezithinta imigwaqo ezibakhathazayo. Esinye sezikhalo ngesokuthi kungani kulungiswe imigwaqo yasemadolobheni ekubeni kunezindawo zasemakhaya ezingenayo. Mayelana nalesi sikhalo uMalahleha uthe ngokwemingcele yabo abangeni kwezinye izinhlelo zemigwaqo yomasipala nasezindaweni zasemakhaya. Uthe bayazama ukulekelela ngemali nangamakhono kodwa kumele kube umasipala okhombisa intshisekelo yokulekelelwa.