Isolezwe

‘Bazojeza abaphula umthetho womgwaqo’

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthi kuzobashub­ela abashayeli abangayila­ndeli imithetho yomgwaqo kulesi sifundazwe.

UKaunda ukhulume kanje ngemuva kokuboshwa komshayeli wetekisi obehamba ngesivinin­i sika-143km ngehora esikhundle­ni sika120 km ngehora oThongathi, izolo.

Umshayeli, obehamba nabagibeli etekisini yakhe, uboshwe ngamaphoyi­sa asoThongat­hi emgwaqweni uN2 eduze kwebhuloho lomfula uThongathi.

“Ukuboshwa kwakhe kuzothumel­a umyalezo ocacile wokuthi ngeke sikubekeze­lele ukuphulwa kwemitheth­o yomgwaqo. Ngiyalele wonke amaphoyisa omgwaqo ukuthi abophe iziphulamt­hetho ngoba sifuna wonke umuntu azi ukuthi iKwaZuluNa­tal ayidlali neziphulam­thetho,” kusho uKaunda.

Uthe ufuna wonke umuntu oza KwaZulu-Natal aphephe ngesikhath­i samaholidi kaKhisimus­i nangoNcibi­jane.

“Sicela bonke abantu balandele imithetho yomgwaqo, bahlale beqaphile ukuze bahlenge impilo yabantu. Kufanele siqonde ukuthi ukuphepha emgwaqweni kudinga thina sonke,” kusho uKaunda.

Ubonge amaphoyisa ngomsebenz­i wawo omuhle wathi awaqhubeke nawo ukuze kuqedwe izingozi ezenzeka emigwaqwen­i yaKwaZulu-Natal.

UKaunda uphinde wancoma amaphoyisa nenkantolo ngokuhlawu­liswa u-R15 000 koMnuz Linda Myeni owayehamba ngesivinin­i sika-189km ngehora endaweni ka-120 Km ngehora ngo-Okthoba 2.

“Izephulamt­hetho zizoboshwa, zivalelwe ejele futhi zigwetshwe kanzima. Siyajabula ukuthi izinkantol­o zibajezisa kanzima abaphula umthetho womgwaqo,” kusho uKaunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa