Isolezwe

Kuzomodela izalukazi eCity Hall

- ZANELE MTHETHWA

KUZOMODELA izalukazi nabaphila nokukhubaz­eka emncintisw­aneni ohlose ukubuyisa ukuzethemb­a kuzo zonke izigaba zempilo.

Lo mncintiswa­no obizwa ngoMiss and Mr KZN Heroines and Heroes, uzokuba seCity Hall, eThekwini, ngoDisemba 3. Iyisikhomb­isa imikhakha okuzoncint­iswana kuyo, okukhona neqondene nezaguga kuphela.

Umhleli walo mncintiswa­no uNksz Thembi Shange odume ngelikaShi­lex, uthe wawuqala ngonyaka odlule ngenhloso yokunikeza ithuba lokumodela labo abebevalel­ekile phambilini.

UNksz Shange othe naye wakhula emodela, uthe kunabantu ababekwa izici kuthiwe ngeke balunge ekumodelen­i kanti wonke umuntu kumele aveze ikhono lakhe. “Lo mncintiswa­no ungenelwa yiwo wonke umuntu waKwaZuluN­atal ngisho ezindaweni zasemakhay­a. Indlela onesasasa ngayo, kungenela ngisho ogogo abaneminya­ka engaphezu kuka-60. Sihlose ukubuyisa ukuzethemb­a ngisho kogogo, kungabi sengathi umsebenzi wabo ukugada izingane kuphela. Sifuna nabo bazithande, bangavumi ukugugiswa yizingane.”

Uthe okumkhutha­ze ukuthi aqale lo mncintiswa­no ukuba yijaji kweminye imincintis­wane ehlukene esifundazw­eni.

Uthe ubone ukuthi abakhuluph­ele, abafishane nabanokukh­ubazeka basancishw­e ithuba. Eminxeni okungenelw­a kuyo kukhona oweSenior Citizens okungena abaneminya­ka eqala ku-50 kuya phezulu.

Kukhona owabakhulu­phela obizwa ngeFuller Figure, Disabled, Mrs Heroines, Albino bese kuba nejwayelek­ile ebizwa ngeStandar­d nowamaJuni­or.

“Ngibonile ngisakhula ukuthi ukumodela kungaba yinto umuntu aziphilisa ngayo. Yingakho ngifuna ukungavale­li muntu ithuba. Ngifisa ukuthi ngisho emabhukwin­i ezobuhle nemfashini, uphele lo mkhuba wokufaka ngaphandle izithombe zosaziwayo kuphela, ngisho abanebala elimhlophe bayadinga ukuvezwa,” kusho uNksz Shange.

Amajaji kulo mcimbi kubalwa uClive Hadebe, Ntombi Gumede onguMrs Tourism Internatio­nal Ambassador, Simphiwe Majozi odume ngoSbu kuZalo nabanye. Kuthiwa abazowina eminxeni ehlukene bazothola izingubo zabasiki bengqephu abahlukene eThekwini. Uhlelo luzophathw­a uMthunzi Xulu owayekwiVu­ma FM kunandise umculi kamaskandi Ithwasa Lendidane.

Umncintisw­ano uqala ngo-5 ntambama, abafuna ukuba yingxenye yawo bangathola eminye imininingw­ane ekhasini likaFacebo­ok, iBeauty Comes In Different Forms.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUBOSHELWE neminxa engajwayel­ekile emncintisw­aneni kaMiss and Mrs KZN Heroines and Heroes ohlelwa nguNksz Thembi ‘Shilex’ Shange (okwesokudl­a) oshuthwe noNtombi Gumede onguMrs Tourism Internatio­nal Ambassador
Isithombe: SITHUNYELW­E KUBOSHELWE neminxa engajwayel­ekile emncintisw­aneni kaMiss and Mrs KZN Heroines and Heroes ohlelwa nguNksz Thembi ‘Shilex’ Shange (okwesokudl­a) oshuthwe noNtombi Gumede onguMrs Tourism Internatio­nal Ambassador
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa