Kuzomodela izalukazi eCity Hall
KUZOMODELA izalukazi nabaphila nokukhubazeka emncintiswaneni ohlose ukubuyisa ukuzethemba kuzo zonke izigaba zempilo.
Lo mncintiswano obizwa ngoMiss and Mr KZN Heroines and Heroes, uzokuba seCity Hall, eThekwini, ngoDisemba 3. Iyisikhombisa imikhakha okuzoncintiswana kuyo, okukhona neqondene nezaguga kuphela.
Umhleli walo mncintiswano uNksz Thembi Shange odume ngelikaShilex, uthe wawuqala ngonyaka odlule ngenhloso yokunikeza ithuba lokumodela labo abebevalelekile phambilini.
UNksz Shange othe naye wakhula emodela, uthe kunabantu ababekwa izici kuthiwe ngeke balunge ekumodeleni kanti wonke umuntu kumele aveze ikhono lakhe. “Lo mncintiswano ungenelwa yiwo wonke umuntu waKwaZuluNatal ngisho ezindaweni zasemakhaya. Indlela onesasasa ngayo, kungenela ngisho ogogo abaneminyaka engaphezu kuka-60. Sihlose ukubuyisa ukuzethemba ngisho kogogo, kungabi sengathi umsebenzi wabo ukugada izingane kuphela. Sifuna nabo bazithande, bangavumi ukugugiswa yizingane.”
Uthe okumkhuthaze ukuthi aqale lo mncintiswano ukuba yijaji kweminye imincintiswane ehlukene esifundazweni.
Uthe ubone ukuthi abakhuluphele, abafishane nabanokukhubazeka basancishwe ithuba. Eminxeni okungenelwa kuyo kukhona oweSenior Citizens okungena abaneminyaka eqala ku-50 kuya phezulu.
Kukhona owabakhuluphela obizwa ngeFuller Figure, Disabled, Mrs Heroines, Albino bese kuba nejwayelekile ebizwa ngeStandard nowamaJunior.
“Ngibonile ngisakhula ukuthi ukumodela kungaba yinto umuntu aziphilisa ngayo. Yingakho ngifuna ukungavaleli muntu ithuba. Ngifisa ukuthi ngisho emabhukwini ezobuhle nemfashini, uphele lo mkhuba wokufaka ngaphandle izithombe zosaziwayo kuphela, ngisho abanebala elimhlophe bayadinga ukuvezwa,” kusho uNksz Shange.
Amajaji kulo mcimbi kubalwa uClive Hadebe, Ntombi Gumede onguMrs Tourism International Ambassador, Simphiwe Majozi odume ngoSbu kuZalo nabanye. Kuthiwa abazowina eminxeni ehlukene bazothola izingubo zabasiki bengqephu abahlukene eThekwini. Uhlelo luzophathwa uMthunzi Xulu owayekwiVuma FM kunandise umculi kamaskandi Ithwasa Lendidane.
Umncintiswano uqala ngo-5 ntambama, abafuna ukuba yingxenye yawo bangathola eminye imininingwane ekhasini likaFacebook, iBeauty Comes In Different Forms.