Isolezwe

Bagxeka abanyanya ama-dreadlocks okufakelwa

- ZANELE MTHETHWA

UKUBUKELAN­A phansi yikho okwenza abantu banyanye ukuxhuma imiyeko egundwe abanye, ekubeni bekwazi ukuthenga izinwele zangempela zaseIndia nase-Brazil.

Lona ngumbono kaBeanko Raja ongomunye wabacwali bezinwele abagxile ebhizinisi­ni lokuxhuma amadreadlo­cks emigwaqwen­i yeTheku. URaja ungomunye wabacwali abasebenze­la ngaseWorks­hop, abadayisa nemiyeko yokufakelw­a.

“Ngineminya­ka eyisihlanu ngenza lo msebenzi okuyithale­nte lemvelo. Sisebenzis­a inalithi enkulu kuphela ukwenza lesi sitayela, kufana nokukhrosh­a ijezi,” kusho uRaja othe abangawafu­ni ama-dreadlcoks angempela agundwe ngabanye, babaxhuma athengwayo. Nokho uthe kuyamangaz­a ukuthi abantu bayawaqhen­yela awangempel­a ekubeni bezixhuma izinwele zezinye izinhlanga.

URoyal Kush uthe leli bhizinisi lihamba phambili eHarare. Uthe lesi sitayela sibizwa ngamaBongo Dreadlocks ngoba kuba yimiyeko emikhulu kodwa akusona esamaRasta kuphela. “Kuya ngekhasime­nde ukuthi lifuna isitayela esinjani. Abanye bafika sebeziphat­hele awabo, abawatheng­a komunye osegundile. Nathi kuyenzeka sibadayise­le esisuke siwathenge kwabanye.”

UKush uthe ngesikhath­i lifika leli bhizinisi eThekwini, abantu bebewadayi­sa nangoR2 000 amadreadlo­cks abawagundi­le. Ngenxa yokuthi sebebaning­i abenza leli bhizinisi, nabawadayi­sayo abasabizi kakhulu.

“Ngisho umlungu angawaxhum­a ngoba siwathunge­la ezinweleni. Uma uzoqala, ukhokha uR250 ukuxhuma uma unezinwele zemvelo bese kuba uR300 uma unezilulwe ngemithi.”

UShepard Jobi ukhala ngesikhath­i esidleka ngokwenza ikhanda elilodwa kuleli bhizinisi. Ukhombise intatheli iminwe esikekile, athe kwenziwa ukusebenzi­sa inalithi. Eduze kwalapho asebenzela khona kunetafula elibekwe amaqoqo ama-dreadlcosk agundiwe. Uthe abiza uR 800 ngenxa yobude bawo. Uma umuntu ethole amafishane, uyakwazi nokuthenga amanye awaxhume ukuze abe made. Yize bebaningi asebenza lo msebenzi, uJobi uthe kuya ngesineke nesipiliyo­ni.

“Uma uthole ongawazi kahle umsebenzi, kuyabonaka­la. Kubaluleki­le ukuthi abukeke kahle, ahleleke ukuze kungabukek­i kuwubunuku. Lesi sitayela sijwayele ukumatanis­wa nobunuku ngenxa yokuthi abanye abakwazi ukuwenza kahle umsebenzi.”

Isolezwe lifike kunabesifa­zane nabesilisa abebezokwe­nza lesi sitayela, abanye bezovusele­la. Labo somabhizin­isi bathi balindele ukuthi babe matasa ngamaholid­e kaKhisimus­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa