Isolezwe

Imba eqolo imishado yesimanje

- ZANELE MTHETHWA

KUGUGA iphakethe emishadwen­i yesimanje okuthiwa osezingeni ubiza u-R120 000 omhlophe kuphela. Njengoba izitayela zifika zedlule ziningi nezinto ezifikile emishadwen­i ezenza zenyuke nezindleko. UMazwi Zuma, ongumhleli wemishado, uthe abantu balenyusa kakhulu izinga emishadwen­i emhlophe. Uthe kwebizayo enakho konke okudingeka­yo kwesimanje, umuntu uchitha imali ephakathi kukaR90 000 noR120 000, kuye ngokuthi ufunani emshadweni wakhe. Uthe kuyenzeka izindleko zibe ngaphezulu kwalokhu.

“Lapha sikhuluma ngomshado omhlophe wosuku olulodwa. Uma abantu bezoshada nowesintu izindleko zingaphezu­lu njengoba ujwayele ukwenziwa ngosuku lwawo wodwa,” kuchaza uZuma.

Uthe izinto eziphambil­i ezibizisa umshado kubalwa izimbali athe ziyafika ku-R35 000 ngoba kumele zibe khona yonke indawo yomcimbi. Kulezi zimbali okungezikh­iwe engadini kukhona nezakhelwa ebhodini eliba sesiteji lapho kuhlala khona abashadayo. Okunye athe akumele kube yincikinci­ki yizithombe athe zibiza okungenani uR12 000. UZuma uthe abantu bafuna izithombe ezisezinge­ni ukuze zibe yisikhumbu­zo. Akusafani nakuqala lapho umuntu ayethatha noma ngubani onekhamera.

“Akumele udlalele ngasezitho­mbeni ne-video, yingakho kumele uthole umthwebuli oqeqeshiwe osezingeni. Kumele umcimbi wonke ube sezingeni elicokeme ukuze kubonakale nasezithom­beni, nazo ezisezinge­ni,” kusho uZuma.

Ubale nezihlalo ezibizwa ngamaTiffa­ny athe nazo ziyandisa ezindlekwe­ni zomshado. Uthe azisadlisi izihlalo zepulasiti­ki ezikhavwa ngezindwan­gu zokuhlobis­a. UZuma uthe ukuqasha izihlalo zeTiffany kuyenzeka kubize phakathi kukaR10 000 noR12 000, kuya ngesibalo sazo. Okunye okuhamba phambili emishadwen­i yesimanje wukushints­ha ngezingubo ezimbili kumakoti. Eyokuqala ngeyokubop­ha ifindo bese kuba eye-reception.

UZuma uthe naso isigaba somabo sinezindle­ko ngokwaso njengoba kuqalwa phansi kuqashwe abapheki abakufunde­le. Emabweni kudingeka amatende esimanje abizwa ngamaStret­ch Marquee enza kubukeke kahle. Kula matende nakhona kusetshenz­iswa izihlalo zeTifanny. Abashadayo nezimpeles­i zabo kudingeka babe nezingubo zokushints­ha ezihambisa­na nomcimbi wesintu.

Phambilini bekungathi ngosaziway­o kuphela okudingeka bashade imishado esezingeni. Ube sematheni umshado kaMinnie Dlamini noMnuz Quinton Jones abanye abawubize ngomshado wonyaka. Izindleko zalo mshado obuseCape Town zilinganis­elwa kuR1 million. Ubukhazikh­azi bawo buyabonaka­la ohlelweni oluthi Being Mrs Jones okuthiwa abakwaMult­i Choice badayiselw­e amalungelo okulusakaz­a ngoR6 million.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusakhulun­ywa ngomshado kaSerena Williams ongumdlali we-tennis e-United States of America. Umshado wakhe noMnuz Alexis Ohanian kuthiwa udle u-R14 million.

Nakhu okunye okunyusa izindleko zomshado:

*Umviliyelo wezithuthu­thu eziqashelw­a ukukhipha abashadayo

*Ukuqashwa kwezimoto eziphambil­i ezithwala umshado.

*Izindandat­ho osekudlisa kakhulu ezeWhite diamond.

*Ukuqashwa kozophaqul­a umakoti nezimpeles­i.

 ?? Isithombe: CINDY WAXA/ANA ?? ABANYE bawubize ngomshado wonyaka okaMinnie Dlamini noMnuz Quinton Jones odle isigidi, lapha bashuthwa behalalise­lwa uSomizi Mhlongo
Isithombe: CINDY WAXA/ANA ABANYE bawubize ngomshado wonyaka okaMinnie Dlamini noMnuz Quinton Jones odle isigidi, lapha bashuthwa behalalise­lwa uSomizi Mhlongo
 ??  ?? OMUNYE umshado obungempel­asonto odonse amehlo omhlaba okaSerena Williams no-Alexis Ohanian okuvela ukuthi imali echithwe kuwona ilinganise­lwa ku-R14 million
OMUNYE umshado obungempel­asonto odonse amehlo omhlaba okaSerena Williams no-Alexis Ohanian okuvela ukuthi imali echithwe kuwona ilinganise­lwa ku-R14 million
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa