Isolezwe

Ongakwenza uma ingane ibindwa ukudla

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUSEDUZE ukuthi kuqale amaholidi, okusho ukuthi iningi lezingane zizobe zihleli emakhaya.

Ukuhilwa wukudla nokubindek­a kungezinye zezimo eziyingozi ezinganeni. AbakwaNetc­are baxwayisa ngalesi simo. Bathi zikhona izindlela zokunikeza ingane usizo oluphuthum­ayo ngaphambi kokuthi iyiswe esibhedlel­a.

UDkt Hennie Smit wakwaNetca­re osanda kusiza ingane eneminyaka emibili esibhedlel­a eKrugersdo­rp, eGoli uyachaza.

“Ngenhlanhl­a sikwazile ukususa obekubambe ingane emphinjeni, yaphuma esibhedlel­a emuva kwezinsuku ezimbili,” kuchaza udokotela. OyiNhloko yeClinical Leadership­s uMnuz David Stanton, uthe kubaluleki­le ukwehlisa umoya uma ingane ibindwa.

“Ukushesha ususe okubinde ingane kuyasiza ekutheni kungabi khona umonakalo omkhulu. Nokho asikukhuth­azi ukuthi uphoqe ukususa okubinde ingane uma ungakuboni kahle. Lokhu kungenza umonakalo omkhulu. Ngenxa yeminyaka enye ingane ngeke ikwazi ukukhomba lapho ibambeke khona. Ungabona ngezimpawu zokuthi ingabe isakwazi ukukhwehle­la, ishintshe nasebuswen­i ibe bomvu,” echaza.

Uthe ngaphambi kwanoma yiluphi usizo, kudingeka kushayelwe abezimo eziphuthum­ayo kuqala. Amasu okusiza ingane ebindiwe: *Yikhuthaze ukuthi izame ukukhwehle­la. *Yima noma uguqe ngemuva kwengane bese uyigona ngezandla zombili. Ngesandla esisodwa fingqa isibhakela usibeke ngenhla kwenkaba.

*Beka esinye isandla phezu kwesifingw­e isibhakela bese uyayicinde­zela izikhathi ezimbalwa.

*Bheka emlonyeni ukuthi akukaveli yini okubambe ingane, uma ukubona kudonse ngesineke.

*Eminye imizamo ongayenza ukugobisa ikhanda lengane, uyishaye emhlane izikhathi eziyisihla­nu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa