Isolezwe

Abeseka uRamaphosa ethembeni

- MHLENGI SHANGASE

ABASEKA iphini likamengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi abe ngumengame­li wale nhlangano engqungqut­heleni engoDisemb­a bathi ikhona impilo ngemuva kwengqungq­uthela noma bewina noma bekhala ngaphansi.

UMnuz Sthembiso Mshengu, okhulumela abaseka uRamaphosa KwaZulu-Natal, uthe akusho ukuthi kuzobe sekuphelil­e ngabo uma behlulwa ngoDisemba.

“Le ngqungquth­ela ayikhona ukufa nokuphila kodwa impilo iyaqhubeka futhi siyomeseka lowo oyophumele­la. Akuliwa sifuna ukubumba i-ANC,” kusho uMshengu.

Uthe okubalulek­ile ngukuthi i-ANC kumele ibuyelwe ukuthenjwa umphakathi.

Uqhube wathi baxoxa nabo bonke abagaqele esokuba umengameli ukuze kusetshenz­iswane.

“Siyayichit­ha nemibiko ebisabalel­e ngempelaso­nto yokuthi sike sazama uDkt Dlamini Zuma (Nkosazana) wasichitha. Siyaqhubek­a nokuthi sikhulume namalungu siwanxenxa ukuthi aseke uRamaphosa,” kusho uMshengu.

Usho lokhu nje ngempelaso­nto ivaliwe imihlangan­o yamagatsha yokuphakam­isa abaholi abaya engqungqut­heleni eqala ngoDisemba 16 kuya kuDisemba 20 eNasrec, eGoli.

Izifundazw­e zizoba nemihlanga­no ama-Provincial General Council (PGC) lapho kuzoxoxwa khona ngendaba yabaholi bese leso sifundazwe siphuma namagama abaholi abaphakany­isiwe.

Ilapho kuzocaca khona ukuthi yimuphi umholi ohamba phambili ngokwamavo­ti.

Kodwa lokhu akusho ukuthi uma umholi ephakanyis­we yizifundaz­we eziningi nasengqung­qutheleni kuzohamba kanjalo ngoba amalungu azovotela abaholi abaphezulu.

Ekhuluma eralini KwaNongoma ngeSonto, uRamaphosa uxwayise ngokuthi amalungu awangamuke­li izimviloph­u ezinemali njengoba indaba yokuthengw­a kwamavoti yinto eyaziwayo ukuthi iyenzeka uma kunezingqu­ngquthela.

URamaphosa uthe amalungu awangagudl­uki kwakuyalel­we ngamagatsh­a kodwa afike avote ngendlela athunywe ngayo ngoba amele izinkumbi zamalungu angakwazi ukuya engqunguqu­theleni.

Angu-5 200 amalungu azothamela ingqungqut­hela.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? OWAYENGUND­UNANKULU uMnuz Senzo Mchunu, iphini likamengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa noMnuz Mike Mabuyakhul­u ngesikhath­i kunerally yokweseka uRamaphosa KwaNongoma ngempelaso­nto
Isithombe: BONGANI MBATHA OWAYENGUND­UNANKULU uMnuz Senzo Mchunu, iphini likamengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa noMnuz Mike Mabuyakhul­u ngesikhath­i kunerally yokweseka uRamaphosa KwaNongoma ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa