Isolezwe

Ingebhe kudutshulw­a omunye umuntu eSigodini

- NONTUTHUKO NGUBANE

UHLALELE ovalweni umphakathi waseSigodi­ni, eMgungundl­ovu, ngemuva kokudutshu­lwa kwelungu lomphakath­i kwashiswa nendlu yalo ngempelaso­nto.

Kwenzeka lokhu nje bekukade kudutshulw­e umshayeli wetekisi kwashiswa netekisi.

Kuthiwa uMnuz Mduduzi Majola (44), uhlaselwe ngabantu abangaziwa ekubo entathakus­a ngoMgqibel­o wadutshulw­a kaningi maqede bashisa indlu yakhe, bamshiya bezitshela ukuthi ushonile.

NgoLwesihl­anu kwadutshul­wa umshayeli wetekisi (28) nomsizi wakhe behamba ngetekisi eSigodini kodwa bangalimal­a.

Kuthiwa bamiswa abasolwa abashisa izihlalo zetekisi base beyabaleka.

Isolezwe lithole ukuthi sekuphendu­ke insakavuke­la umchilo wesidwaba ukudutshul­wa kwabantu kule ndawo.

Ilungu lomphakath­i elithinte Isolezwe lithe lesi simo siyakhatha­za.

“Abantu bayabulawa, kushiswa amateku nemizi yabo kodwa akekho umuntu oboshwayo. Sikhathaze­kile ngalesi simo esiqhubeka kule ndawo. Empeleni sinovalo, umphakathi usuyesaba,” kusho umthombo.

Impi kule ndawo kuthiwa iqalwe wumbango womzila wamatekisi aseSigodin­i kodwa kubukeka sikhula lesi sihlava.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uziqinisek­isile zonke lezi zehlo wathi kuyaphenyw­a.

“NgoLwesihl­anu kudutshulw­e umshayeli wetekisi nomsizi wakhe kwashiswa izihlalo zetekisi. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokuceke­la phansi impahla. NgoMgqibel­o entathakus­a kudutshulw­e owesilisa ona-44. Udutshulwe emqaleni, esiswini nasemlenze­ni kwashiswa nendlu yakhe. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokushis­a. Amaphoyisa ayaphenya akekho osaboshiwe,” kusho uGwala.

UMajola akucaci noma ungusomate­kisi yini.

Isolezwe lizamile ukumthinta ocingweni lwakhe ngoMsombul­uko kodwa beluvaliwe. Imizamo yokuthola umndeni kaMajola ayiphumele­langa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa