Isolezwe

Kushile kwabasolwa ngokuqola abantu eThekwini

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE amadoda amahlanu asolwa ngokuqola abantu eThekwini. Kuthiwa atholwe nemishini okuthiwa abeyiseben­zisela ukuqola abantu imali atholwa namakhadi asebhange, awakwaSass­a, amaselula, izitatimen­de zasebhange nama-payslips.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amadoda aneminyaka ephakathi kuka-26 no 43 abanjwe ngesikhath­i kunomkhank­aso wamaphoyis­a ophiko lweProvinc­ial Tracking Team namaphoyis­a kaMasipala weTheku.

UCaptain Gwala uthe amaphoyisa ezwe ukuthi kukhona izigilamkh­uba eziqola abantu ngaseMarin­e Parade, eThekwini anikela khona awafica amadoda.

“Amaphoyisa aphinde ashaqa imoto yabasolwa iLand Rover Discovery yaphindise­lwa ebhange ebelibanik­e imali yokuyikhok­hela,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe abasolwa bagcinwe ezitokisin­i zaseDurban Central kanti bazobekwa amacala okukhwaban­isa nokutholak­ala nezinto okusolwa ukuthi ngezokwebi­wa.

Bazovela maduze enkantolo kanti kuzobhekwa ukuthi abathintek­i yini kwamanye amacala okukhwaban­isa aseke enziwa eThekwini nasezindaw­eni ezakhelene nalo.

UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa nokushaqwa kwezinto ezisetshen­ziselwa ukukhwaban­isa.

“Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi babhekana nengalo yomthetho senze nohlelo lokuthi bakhonjwe ngabagilwa ukuze bashushisw­e ngawo wonke amacala abo,” kusho uLanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa