Isolezwe

Likhona ikusasa ngemuva kwama-Idols

-

IKWAZULU-Natal iphunyukwe yiqatha emlonyeni ngeSonto emncintisw­aneni wamaIdols. Amathemba abantu besifundaz­we abekuMthok­ozisi Ndaba waKwaMashu kodwa ogcine engalibona­nga elidlalayo entokazini yaseKapa, uPaxton Fielies.

Isifundazw­e sivamise ukwenza kahle kakhulu kuma-Idols futhi sihamba phambili uma usiqhathan­isa nezinye kulabo aseke badla umhlangani­so nabangena esigabeni sokugcina.

Kulabo singabala uKhaya Mthethwa, osengumsak­azi kuMetro FM, Vincent Bones, osanda kukhipha umculo omusha, Noma Khumalo onguthisha futhi osaqhubeka nomculo, Shekhinah abanengoma ngokuhlang­anyela noKyle Deutsch, Lloyd Cele osayibambi­le emculweni, Sphelele Ngcobo okhiphe i-albhamu ngonyaka owedlule nabanye.

UMthokozis­i ngelinye lamaqhawe iKZN eziqhenyay­o ngawo. Khona kunzima ukwemukela ukwehlulwa kodwa kuningi angakwenza okungaguqu­la impilo yakhe ifane nekaPaxton. Kunama-Idols adla umhlangani­so kodwa afisa ukufana no-Amanda Black. Uma ufuna azokuculel­a kudingeka ukhiphe u-R90 000, njengamanj­e awukho umcimbi omkhulu ongabi naye.

U-Amanda akawinanga kuma-Idols kodwa usebenzisa ikhono lakhe nodumo aluthola kumaIdols. Kuthi akube yinto efanayo noLloyd (Cele) oke wasebenzis­a udumo aluthola kuma-Idols ukungena kwiVuma FM abe ngumsakazi.

Udumo uMthokozis­i aluthole kuma-Idols lukhulu kakhulu, angenza noma yini anesifiso sokuyenza. Akungamdin­i ukwehlulwa ngoba lokho kungacekel­a phansi ikusasa lakhe. Kuyathusa ukuthi akafuni ukukhuluma namuntu ngemuva kwemiphume­la, kusukela ngeSonto kuthiwa uvele wavala ucingo lwakhe, wakhetha ukuyozihla­lela yedwa. Kodwa kuyancomek­a ukuthi ithimba lama-Idols lithembise ukuthi lizomsiza ngokumyisa kubefundis­i nakubelule­ki bengqondo ukuze amukele isimo, aphinde akhumbule ukuthi emncintisw­aneni kuba khona ohlulwayo nophumelel­ayo. Kuzomele akhumbule ukuthi ngesizini edlule uThami Shobede waseMtubat­uba waphuma isibili ehlulwa nguNoma kodwa akalilahla­nga ithemba, usanda kukhipha i-albhamu ngokusizwa abama-Idols. Likhona ikusasa ngemuva kwanoma yimuphi umncintisw­ano.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa