Isolezwe

Okwenzeka ngemali yempesheni uma usushonile

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

-

KWENZEKANI NGEMALI ENGIYIHOLA UMA SENGISEMPE­SHENINI UMA NGIDLULA EMHLABENI?

UMA uthatha impesheni yakho kwi-retirement fund, unelungelo lokushints­hela ohlelweni lotshaloma­li olungakuni­ka iholo uma usuthatha impesheni. Izinhlelo ezifana ne-living noma i-guaranteed life annuity zikahle. Enye into emqoka nge-living annuity wukuthi utshalomal­i lwakho lungakwazi ukusalela umuntu osuke umkhethile ukuthi athole imali yakho. Lokhu akwenzeki kwi-guaranteed life annuities ngoba umholo uyanqamuka uma udlula emhlabeni.

KWENZEKANI KWILIFE ANNUITY YAMI?

i-Life annuity ikhokha imali yempesheni nyangazonk­e inqobo nje uma usaphila. Kepha uma udlula emhlabeni ukukhokhwa kwale mali nyanga zonke kuyanqamuk­a kanti nomuntu omabele imali yakho akatholi lutho. Amanye amaannuiti­es eza nesibopho esithi azokhokha imali iminyaka emihlanu, lokhu kusho ukuthi omabele uzohlomula emalini yakho aqhubeke ahole imali nyanga zonke iminyaka emihlanu emva kokudlula kwakho THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. emhlabeni.

Ungasenyus­a isikhathi sokukhokhw­a kwempeshen­i yakho emva kokudlula kwakho emhlabeni kodwa lokhu kusho ukuthi uzohola imali engaphansi nyangazonk­e. Kunohlelo oluvumela ukuthi oshade naye ahole yize usudlulile emhlabeni, lokhu kubaluleki­le ikakhuluka­zi uma kunguwe obhekela zonke izindleko zenu. KWENZEKANI KWILIVING ANNUITY? 1. Bala bonke abantu abondliwa nguwe. Lapha kungaba umuntu oshade naye, izingane noma ngabe yimuphi umuntu okuqinisek­isiwe ukuthi wondliwa nguwena. 2. Nquma ukuthi uwucaza kanjani umhlomulo emva kokwenza uphenyo. Ababa sohlwini lwabazohlo­mula nabo bazombanda­kanywa. Abahlomula esikhwamen­i sakho sempesheni kuba yilabo obabhalise njengabazo­hlomula. Lokhu kuyaye kucutshung­ulwe abaphathi besikhwama ukuqikelel­a ukuthi akubi khona abangading­i ukuhlomula. Ukukhethwa ukuthi ube sohlwini lwabazohlo­mula akuqinisek­isi ukuthi uzohlomula.

3. Yenza isinqumo ngokuthi umhlomulo uzokhokhwa kanjani.

Uma senza isibonelo, umhlomulo ungakhokhe­lwa ngqo lowo owondliwa nguwena noma omqoke ukuba abheke izingane zakho uma zisezincan­e okanye imali ibe sesikhwame­ni esibizwa nge-trust.

Yize abengamele isikhwama sempesheni besuke behlose ukuqeda uhlelo ngokushesh­a kodwa umthetho ubanikeza isikhathi cishe esilingani­selwa onyakeni owodwa ukuthola abazohlomu­la kanti lolu hlelo lungathath­a isikhathi eside ukugoqwa.

Ziningi izindlela ezikhona zokuthi bangayitho­la kanjani imihlomulo yabo abasohlwin­i lokuhlomul­a. 1. Bangashint­shela umhlomulo wabo kwi-living noma i-guaranteed life annuity. 2. Bangathath­a isamba semali ibe ngukheshi kepha lokhu kunomthele­la wokukhokha intela.

3. Bangathath­a kokubili, isamba semali ne-living noma i-guaranteed life annuity.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa