Isolezwe

UPitso akayeke ukuzenza ngcono kunabanye abaqeqeshi

-

MHLELI: Ngiyavumel­ana noMshengu waseMnambi­thi uma ethi umqeqeshi nomqeqeshi unezindlel­a zakhe zokudlala.

Kungani uPitso Mosimane (osesithomb­eni) njalo ekhala ngezindlel­a okudlalisa ngazo abanye abaqeqeshi ngoba phela nabo bahlela ngendlela yabo evikela imisebenzi emaqenjini abawaholay­o? UPitso uhlala encoma iBhakabhak­a ethi kumnandi ukudlala nalo ngoba lidlala njengabo ngoba usuke azi ukuthi uzozigwaze­la ibhece kulona.

Ibhola lidlalwa ngomqondo kubaqeqesh­i futhi uma bepaka ibhasi kungani yena engakhombi­si ukuthi uwumqeqesh­i onamaqhing­a okwaziyo ukugudluza ibhasi elipakiwe? Kufanele ngabe unawo amaqhinga ngoba uyazi ukuthi bapaka ibhasi bonke ngaphandle kwePirates lena ayichomela­yo .

UPitso usifaka ehlathini ufuna sizonde abaqeqeshi bamaqembu ethu bese ebabhuqa ethi nakuye kwakunje ukuze bangaxoshw­a yena uziqophela umlando ngabo. Naka iqembu lakho ndoda ududule ibhasi elipakwe endleleni yakho kunokuthi usidukise. Ngabe namanje awukakwazi ukuthi umnqoba kanjani opake ibhasi? Ngikuthand­ile okushiwo uSteve Komphela uma ethi bayasiduki­sa ngoba ziningi izindlela zokudlala ibhola futhi nemiqondo nezinhloso zabaqeqesh­i azifani. Uma ngiwumqeqe­shi kunani pho mengifaka abayisithu­pha emuva ngoba ngiyazi ngizohlase­la kanjani uma sengihlase­la.

Ngicela uPitso afunde Isolezwe langoLwesi­bili mhlaka-7 kuNovemba ukuze naye afunde amazwibela esimanje manje okubophela isikimu. Iphepha uzolitheng­a ngemali encanyana nje engamarand­i amathathu nosheleni abayisishi­yagalombil­i kuphela. Akalitheng­e ukuze athole isifundo samahhala.. Scathulo Thusi MTUBATUBA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa