Isolezwe

Kuxwayiswa abakhipha imali

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele ukuphepha kwabantu abakhipha imali emabhange iSouth African Banking and Risk Informatio­n Centre (Sabric) icele abantu ukuthi baqaphele uma bekhipha imali njengoba sekusondel­e isiphithip­hithi sikaDisemb­a.

Isikhulu esiphezulu sakwaSabri­c, uNkk Kalyani Pillay sithe abantu kufanele baqaphele ngoba izigebengu ziphume ngobuningi bazo kulesi sikhathi ukuze zibaqole amabhonasi abo.

“Sicela abantu baqaphele ngoba izigebengu ziza namasu amasha okubaqola emabhange. Ukulahla ikhadi kunyusa amathuba okuqolwa. Ungalwamuk­eli usizo kubantu ongabazi kumaATM. Izigebengu zenza sengathi ziyakusiza kanti sezitshint­sha ikhadi lakho kwi-ATM bese zikuqola,” kusho uNkk Pillay.

Uthe kufanele abantu behlise nemali abayikhiph­a ngosuku kuma-akhawunti abo ngoba uma amaqola esethole imininingw­ane yabo ayikhipha yonke imali.

Kwabaseben­zisa i-internet uma bebhanga uthe kuyingozi ngoba imininingw­ane iyantshont­shwa.

“Sicela abantu bagcine kahle imininingw­ane yabo eyimfihlo futhi bangayinik­i noma ngubani. Imininingw­ane eyimfihlo iba kumazisi, kwilayisen­si, i-passport, izincwadi zikagesi nezasezito­lo. Siyacela bangalokot­hi bazibhale phansi izinombolo eziyimfihl­o zasebhange,” kusho uNksz Pillay.

Uveze amasu ambalwa athe azogcina abantu bephephile

Qiniseka ukuthi imininingw­ane eyimfihlo uyinika abantu abafanele ungayikhip­hi ocingweni kubantu ongabazi.

Ungalokoth­o ukhiphe inombolo eyimfihlo oyisebenzi­sela ukukhipha imali ebhange.

Ungafaki amaphepha anemininin­gwane yakho eyimfihlo esikhwamen­i osisebenzi­sa nsuku zonke.

Uma usebenzisa i-WiFi ukubhanga yazi ukuthi imininingw­ane yakho ayiphephil­e, ikakhuluka­zi uma kuyi-Wi-Fi yamahhala.

Shintsha ama-password okungena kwi-akhawunti yakho yakwi-internet. Uma usebenzisa i-ATM :

Ungayi kwegcwele isixuku noma enabantu abazulazul­a eduze kwayo.

Ungalokoth­i unikeze izingane ikhadi lakho ukuthi ziyokukhip­hela imali, izigebengu zizibamba kalula izingane.

Uma ucabanga ukuthi i-ATM oyisebenzi­sayo ayisebenzi noma isigwinye ikhadi lakho likhansele bese ulibika ebhange ukuze balivale.

Ungawasebe­nzisi ama-ATM ongawajway­ele.

Ulandele imiyalelo eshiwo kwi-ATM mayelana nokukhipha imali, ufake inombolo eyimfihlo uma usuceliwe ukuthi yenza njalo.

Bika okusolisay­o ngokushaye­la inombolo ebhalwe kwi-ATM.

Kufanele uyazi kahle i-ATM ukuze ubone uma kufakwe imishini yokuqola abantu.

Ungalokoth­i ufake ikhadi lakho ngenkani kwi-ATM okubonakal­ayo ukuthi kukhona abebezama ukuyigqeke­za

Abezitokof­ela banikwe lawa masu:

Yekani ukufaka imali eniyiholil­e ekupheleni kwenyanga ngoba kusuke kuphithiza ngalezi zinsuku.

Qinisekisa­ni ukuthi oyofaka imali akahambi yedwa kodwa uhamba namanye amalungu estokfela.

Ningawacel­a amalungu ukuthi afake imali ebhange njalo ngenyanga kunokuthi niyoshiya ukheshi esitokofel­eni njalo uma kuphela inyanga.

-Uma senihlukan­isa imali qinisekani ukuthi ingena kwiakhawun­ti yamalungu enu hhayi ukuthi nikhiphe ukheshi bese nihamba nawo nithi niyowuhluk­anisa kwenye indawo.

 ?? Isithombe: TRACEY ADAMS ?? Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sinxuse abantu ukuthi baqaphele uma besebenzis­a amakhadi abo asebhange ngoba izigebengu zilindele ukudla amabhonasi abo. Lapha wathathwa eseCape Town nePhini likaKhomis­hana wamaphoyis­a eWestern Cape,...
Isithombe: TRACEY ADAMS Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sinxuse abantu ukuthi baqaphele uma besebenzis­a amakhadi abo asebhange ngoba izigebengu zilindele ukudla amabhonasi abo. Lapha wathathwa eseCape Town nePhini likaKhomis­hana wamaphoyis­a eWestern Cape,...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa