Isilomo seMazembe sinetwetwe ngeSuperSport
ISETHENJWA seTP Mazembe saseZambia, uReinford Kalaba, sizwakalise izimpawu zokungenwa amanzi emadolweni uma sicabanga ngomdlalo womlenze wesibili wamanqamu weCAF Confederation Cup neSuperSport United ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eLucas Moripe Stadium, ePitoli. UKalaba obalwa nabanye babadlali abaphambili e-Afrika, uveze ukuthi iSuperSport isisezingeni leMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates asebeke badla izicoco zase-Afrika ngakhoke kusemqoka kakhulu ukuthi bayinike inhlonipho eyifanele.
Ngokwalo mdlali, iSuperSport iyona esethubeni elihle lokwemuka nesicoco ngoba idlalela ekhaya kanti ithole negoli ekuhambeni kodwa uyafunga uyagomela ukuthi leli qembu likaEric Tinkler ngeke libe nomdlalo olula ngoMgqibelo.
“Siyazazi ukuthi siyakwazi ukunqoba noma ngabe sidlala kuphi e-Afrika. Lokhu kusenza siye ePitoli ngokukhulu ukuzethemba.
“Lokho kuzethemba kodwa akufanele kusibuse kakhulu size sikhohlwe ukuthi sibhekene nobani kulo mdlalo. ISuperSport isifikile ezingeni leSundowns nePirates ngakho kusemqoka ukuthi siyihloniphe.
“Umqeqeshi wayo u-Eric Tinkler akafuniseli ebholeni lase-Afrika njengoba umlando uzisho. Indlela abasicindezele ngayo esiwombeni sokuqala kowomlenze wokuqala, yenze sabukana emehlweni sonke ngoba siqonda ukuthi sisazoya ePitoli siyodlala nalaba bantu,” usho kanje uKalaba ngemuva komdlalo obuseLubumbashi. Lo mdlali ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wakhe uPhamphile Mihayo oseke wadla izicoco neMazembe esengumdlali, uthe akakholwa ukuthi bazovuma ukudedela iwini abayithole ekhaya. “Siyodlala ePitoli hhayi indaba yokuvakasha. Ngibatshelie abadlali bami ukuthi kusemqoka kangakanani ukuthola igoli ngokushesha ukuze sizobathwalisa kanzima. Ngisho ngabe lokho akwenzeki kodwa uma indweba ingakakhali sizobe sikulwela lokhu esinakho. Siwuwinile umdlalo wokuqala. Asizange sishaywe kumbe sidlale ngokulingana ngakho-ke kufanele siye kulo mdlalo sihambela phezulu,” kusho uMihayo. kwiPremiership. Lokhu kwenzeke phezu kokuba ikade ibophele abadlali abangomakadebona ebholeni laseNingizimu Afrika okukhona kubona uCollins Mbesuma, Surprise Moriri, Thanduyise Khuboni nabanye.
Ngesikhathi sekuqinisekisiwe ukuthi iHighlands isibheke kwalasha, amaqembu aqale ukuphangelana ngabadlali bayo. Kulaba badlali bekukhona uMvala obefunwa uthuli yiBidvest Wits obekuthiwa uthandwa ngumqeqeshi uGavin Hunt. Kulo mjaho kubalwe neKaizer Chiefs neqembu laseGreece kodwa yagcina ikwazile ukumgcina iLions of The North. UMvala ubekade eseqenjini lakuleli lika-Under 23 elidlale emidlalweni yama-Olympic eBrazil nyakenye. “Ngineminyaka eminingi ngidlala lapha kwiHighlands. Bekungekho kimina ukuthi ngingahamba. Akubanga kuhle ukuthi sidliwe yizembe kodwa bengizimisele ukuqhubeka neqembu. Namanje angizisoli ngesinqumo sami phezu kokuba ekade ekhona amaqembu abekade engifuna,” kusho uMvala. I-Highlands izihola phambili kwilog neNFD ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-19. Ivule igebe lamaphuzu amathathu esicongweni. Ngasekuqaleni kwesizini iLions of The North iqashe uDa Gama esikhundleni sokuqeqesha. Emuva komdlalo noThongathi ngempelasonto edlule, lo mqeqeshi ukhale ngobunzima beNFD. “Uma ungathi uzowina iligi kulesi sigaba ungazithola usuphoxeka. inzima Le ligi kakhulu. Esikubhekile yikhona ukuwina iligi kodwa sifuna ukubhekana nomdlalo ngamunye. Asibhekile ukwengeza isikwati noma ezinye izinguquko. Ngijabule ngesikwati esinaso,” kusho uDa Gama. Cape Town All Stars v Uthongathi FC (3.30pm, Parow Park). NgoMgqibelo: Super Eagles v Black Leopards (3.30pm, Goble Park); Tshakuma v Royal Eagles (3.30pm, Thohoyandou); Pretoria University v Richards Bay (3.30pm, Absa Tuks Stadium); Highlands Park v Witbank Spurs (3.30pm, Makhulong Stadium). NgeSonto: Real Kings v Stellenbosch (3.30pm, Sugar Ray Xulu Stadium); Mthatha Bucks v Ubuntu Cape Town (3.30pm, Mthatha Stadium); Jomo Cosmos v Mbombela United (3.30pm, Vosloorus).