Isolezwe

U-Ertugral uyeke ithuba lokuyocija oweBafana

-

MINENHLE MKHIZE UQWEQWE lomqeqeshi uMuhsin Ertugral luyeke ithuba lokusebenz­a nomgadli weBafana Bafana uLebogang Manyama.

U-Ertugral kuke kwaba namahlebez­i athi ufunwa yiKonyaspo­r edlalelwa nguManyama. Lo mgadli oqokwe waba ngumdllali ovelele kwi-Absa Premiershi­p ngesizini edlule ufike kuleli qembu ekuqaleni kwesizini. U-Ertugral nguyena owaveza uManyama ebholeni elikhokhel­ayo ngesikhath­i esacija i-Ajax Cape Town.

Ethintwa yileli phephandab­a uvumile ukuthi uke waba nezingxoxo naleli qembu eligijima kwiligi enkulu yaseTurkey.

“Yebo ngike ngaxoxa neKonyaspo­r. Sicishe savumelana kodwa kwaba khona izinto ebe nginganeme ngazo. Phakathi kwazo, yindaba yokutshelw­a yizikhulu ukuthi kuzomele ngizenze kanjani izinto eziphathel­ene nokudlala kweqembu. Yingakho ngithathe isinqumo sokungawut­hathi lowo msebenzi. Angibaleki­swanga wukuthi iqembu limi kabi kwi-log. Ngikholwa wukuthi baneqembu elingakwaz­i ukuvika izembe. Njengamanj­e nginesicel­o seqembu eliseSaudi Arabia. Ngisadla amathambo engqondo ngaso,” kusho u-Ertugral.

IKonyaspor­MihUlHeSzi­INenEdRaTw­UeGnRi ka-15 kwi-log yeTurkish Super League. Ilengela engozini yokugawulw­a yizembe.

U-Ertugral akanalo iqembu aliqeqesha­yo njengamanj­e. Uphuthwe yithuba lokucija iqembu elidlala kwiChampio­nship yase-England ekuqaleni kwesizini kulandela ukubambeze­leka kokuthola kwakhe amaphepha okusebenza kwelamaNgi­si.

ENingizimu Afrika ugcine ukubonakal­a kwiPirates ngesizini edlule. Wesula ngemuva kokubhudlu­zwa yiSuperpor­t United ngo 6-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“Lapha eNingizimu Afrika alikho iqembu eselike langithint­a. Nami angijahile ukubuyela ekuqeqeshe­ni, yingakho ngifuna ukuthatha umsebenzi ongifanele.

Okwamanje ngisebenze­la isiteshi sethelevis­hini eTurkey lapho ngihlaziya khona imidlalo ye-Uefa Champions League. Ngaphandle kwalokho ngiphinde ngisebenze ekomitini labaqeqesh­i beFifa,” kusho u-Ertugral.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa