Isolezwe

Umgadli woSuthu ufuna kuphenduke amatafula

- ZAKHELE XABA

UMGADLI waMaZulu, uRhulani Manzini, ukholwa wukuthi bangawaphe­ndula amatafula emdlalweni we-Absa Premiershi­p neKaizer Chiefs uma bengalande­la imiyalelo yomqeqeshi uCavin Johnson.

Usuthu lozogaduli­sana neChiefs emdlalweni wePremiers­hip eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, namuhla ngo7.30 ebusuku.

Ngesikhath­i la maqembu egcina ukudlala, AmaZulu akhale ngaphansi ngo 3-0 koweTelkom Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Emuva komdlalo, uJohson ukhale ngokuhlulw­a ngamathuba okushaya amagoli kwabadlali bakhe. Kulaba badlali kukhona uMabhuti Khanyeza, Manzini nabanye.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo, uManzini uvumile ukuthi bazihlinze­la phansi ngokuyeka amathuba koweTelkom. Uyena ohamba phambili ngokushaya amagoli kuMaZulu kwazise usebhakuzi­se inethi amahlandla ayisihlanu emidlalwen­i yeligi. UManzini usele ngegoli elilodwa kuRodney “Rama G” Ramagalela wePolokwan­e City ozihola phambili ngayisithu­pha.

“Sazenzela phansi kuloya mdlalo, asiwaseben­zisanga amathuba esawathola. Kulokhu sisebenze kakhulu ejimini ekuqedelen­i amathuba. Kudingeka sishaye igoli kuqala siphinde sinciphise amaphutha,” kusho uManzini.

“Uma silandele kahle imiyalelo yomqeqeshi, ngiyakholw­a wukuthi singayehlu­la iChiefs. Singabagad­li asikudingi ukunconywa uma sishaya amagoli ngoba kuwumseben­zi wethu. AmaZulu anabadlali abasezinge­ni eliphezulu abazokwazi ukwenza umsebenzi. Sizokwenza konke okusemandl­eni ethu ukunqoba lo mdalo.”

Usuthu luphikwa wumlando uma lubhekene neChiefs. Emidlalwen­i engu-20 kusukela ngesizini ka-2006/2007, Usuthu lusayihlul­e kanye iChiefs okwenzeka ngo-2007 koweligi luwina ngo 2-1. Imidlalo emine la maqembu adlale ngokulinga­na. Amakhosi anqobe engu-15.

AmaZulu asendaweni yesishiyag­alolunye kwi-log yePremiers­hip ngamaphuzu angu-12 emuva kwemidlalo eyishiyaga­lolunye. Asawine imidlalo emithathu kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.

Usuthu luqoke ukufudukel­a eMlaza ngenxa yokuthi iChiefs isebenzisa iMabhida uma idlala imidlalo yasekhaya. UJohnson uthe bayakholwa ukuthi bazozuza ngesinqumo sabo sokudlalel­a eMlaza.

“Ngiyethemb­a ukuthi kuzosisebe­nzela ukudlalela eKing Zwelithini. Abadlali badlala ngokunethe­zeka khona futhi abalandeli bahlala eduzane,” kusho uJohnson.

“Siyakwazi okwenze sahluleka koweTelkom futhi sisebenze kanzima ukukulungi­sa. Sizozama ukubhekana nendlela iChiefs edlala ngayo, siyijezise uma yenza amaphutha.”

Ngakoluye uhlangothi iChiefs iphuma esibhaxwin­i sika 1-0 esithole kwiBidvest Wits kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout ngempelaso­nto. Lokhu kubuyisele ingcindezi kumqeqeshi uSteve Komphela.

Kulo mdlalo kuzodayisw­a amathikith­i angu-15 000 kuphela futhi awekho azodayiswa enkundleni. Atholakala e-computicke­t nasezitolo zakwaShopr­ite noCheckers. Ngokohlelo lwaMaZulu, abalandeli bazopaka enxanxathe­leni yezitolo KwaMnyandu.

YE-ABSA PREMIERSHI­P: Namuhla: Free State Stars v Chippa United (6pm, Goble Park); Platinum Stars v Bloemfonte­in Celtic (7.30pm, Royal Bafokeng Stadium); AmaZulu FC v Kaizer Chiefs (7.30pm, King Zwelithini Stadium); Polokwane City v Maritzburg United (7.30pm, Old Peter Mokaba Stadium). NgoMgqibel­o: Maritzburg United v Bidvest Wits (3.30pm, Harry Gwala Stadium); Chippa United v Mamelodi Sundowns (3.30pm, Nelson Mandela Bay); Kaizer Chiefs v Free State Stars (6pm, Moses Mabhida Stadium); Ajax Cape Town v AmaZulu FC (8.15pm, Athlone Stadium); Golden Arrows v Cape Town City (8.15pm, Princess Magogo Stadium). NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Orlando Pirates (3.30pm, Dr Molemela Stadium); Baroka FC v Platinum Stars (3.30pm, Peter Mokaba Stadium).

 ??  ??
 ??  ?? UMGADLI waMaZulu uRhulani Manzini ubona bezoyishay­a iKaizer Chiefs uma bezosebenz­isa amathuba abazowatho­la namuhla ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMGADLI waMaZulu uRhulani Manzini ubona bezoyishay­a iKaizer Chiefs uma bezosebenz­isa amathuba abazowatho­la namuhla ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa