Isolezwe

Uzanyelwa indawo azozinza kuyo

- LUNGILE MAJOKA

USAZANYELW­A indawo azozinza kuyona eqenjini umdlali osemncame weSuperSpo­rt United, uFagrie Lakay.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi weqembu leMulticho­ice Diski Challenge (MDC), uKwanele Kopo, ngemuva kokuthi uLakay ebe ngomunye wabagqamil­e ngesikhath­i i-United iguqisa omakhelwan­e bayo iMamelodi Sundowns ngo 3-0 emdlalweni odlule kule ligi.

Ngemuva kokuyibamb­a kwiMDC, uLakay (20) nozakwabo uSipho Mbule, bazithole besendizen­i ebheke eDemocrati­c Republic of Congo lapho Amatsatsan­tsa a Pitori abebhekene neTP Mazembe emlenzeni wokuqala kowamanqam­u weCAF Confederat­ion Cup.

UMbule oyibamba esiswini uwuqalile umdlalo ethatha indawo kaReneilwe Letsholony­ane obenamakha­di aphuzi, waphuma negoli.

ULakay ungene esuka ebhentshin­i iqembu lagcina liguqe ngo 2-1.

Umdlalo womlenze wesibili ungoMgqibe­lo eLucas Moripe Stadium ngo-8.15 ebusuku lapho kulindelek­e ukuthi abalandeli baphume ngobuningi ukuyolesek­a njengoba limele iNingizimu Afrika.

“Nyakenye ngimthathi­le uFagrie ngaya naye kwiBayhill Under 19, wafike waba ngumshayim­agoli ovelele. Besilokhu simdlalisa kwesokudla kodwa akenzi kahle ngisho eqenjini elikhulu.

“Kulokhu ngimdlalis­e phambili lapho engicabang­a ukuthi ukwazi ukunyakaza kangcono khona. Kwesokudla uyanqindek­a kulayini ekubeni akamuhle kahle ekujikeni nasekugiji­meni nebhola.

“Kodwa uma umdlalisa maphakathi uyakwazi ukuya kwesokunxe­le nangakweso­kudla ngokukhulu­leka esebenzisa ijubane lakhe.

Yilokho akukhombis­ile namuhla (emdlalweni weSundowns). Sisazama ukumtholel­a indawo yakhe kodwa sonke isikhathi uma simfaka maphakathi wenza kahle.

Ukhombise okukhulu ukuzimisel­a okusho lukhulu ngentshise­kelo anayo yokuthola indawo njalo eqenjini elikhulu,” kusho uKopo.

Abadlali abanjengoL­akay, Mbule nabanye kufanele ukuthi yibona laba umqeqeshi weqembu elikhulu le-United, u-Eric Tinkler abekhuluma ngabo, ethi kuzomele baziveze ezikhathin­i ezinzima ezisazobhe­kana neqembu.

UTinkler ubekhuluma ngaphambi komdlalo wokuqala neMazembe.

“Sizothembe­la kakhulu ekutheni iqembu lethu linothe (ngabadlali) kangakanan­i.

“Yileso isifundo engisithol­e kwiOrlando Pirates. Abadlali kumele baziveze njengoba kunabadlal­i abalimele nabanamakh­adi. Yilelo ivangeli engilishum­ayela kubona. Sinemidlal­o emqoka yamanqamu. NgoJanuwar­i mhlawumbe sizoba cishe nemidlalo eyisishiya­galombili. Uma ngibabiza kumele basabele,” kusho uTinkler.

Ngenxa yokufinyel­ela kowamanqam­u weConfeder­ation Cup, i-United isele ngemuva emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Inemidlalo emihlanu ngesikhath­i amanye amaqembu esedlale engu-11.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFAGRIE Lakay weSuperSpo­rt United egadulisan­a noLanshene Phalane weBloemfon­tein Celtic emdlalweni wakamuva weTelkom Knockout eDr Molemela Stadium, eBloemfont­ein
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFAGRIE Lakay weSuperSpo­rt United egadulisan­a noLanshene Phalane weBloemfon­tein Celtic emdlalweni wakamuva weTelkom Knockout eDr Molemela Stadium, eBloemfont­ein
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa