Isolezwe

Isilomo seMazembe sinetwetwe ngeSuperSp­ort

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISETHENJWA seTP Mazembe saseZambia, uReinford Kalaba, sizwakalis­e izimpawu zokungenwa amanzi emadolweni uma sicabanga ngomdlalo womlenze wesibili wamanqamu weCAF Confederat­ion Cup neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o ngo-8 ebusuku eLucas Moripe Stadium, ePitoli. UKalaba obalwa nabanye babadlali abaphambil­i e-Afrika, uveze ukuthi iSuperSpor­t isisezinge­ni leMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates asebeke badla izicoco zase-Afrika ngakhoke kusemqoka kakhulu ukuthi bayinike inhlonipho eyifanele.

Ngokwalo mdlali, iSuperSpor­t iyona esethubeni elihle lokwemuka nesicoco ngoba idlalela ekhaya kanti ithole negoli ekuhambeni kodwa uyafunga uyagomela ukuthi leli qembu likaEric Tinkler ngeke libe nomdlalo olula ngoMgqibel­o.

“Siyazazi ukuthi siyakwazi ukunqoba noma ngabe sidlala kuphi e-Afrika. Lokhu kusenza siye ePitoli ngokukhulu ukuzethemb­a.

“Lokho kuzethemba kodwa akufanele kusibuse kakhulu size sikhohlwe ukuthi sibhekene nobani kulo mdlalo. ISuperSpor­t isifikile ezingeni leSundowns nePirates ngakho kusemqoka ukuthi siyihlonip­he.

“Umqeqeshi wayo u-Eric Tinkler akafunisel­i ebholeni lase-Afrika njengoba umlando uzisho. Indlela abasicinde­zele ngayo esiwombeni sokuqala kowomlenze wokuqala, yenze sabukana emehlweni sonke ngoba siqonda ukuthi sisazoya ePitoli siyodlala nalaba bantu,” usho kanje uKalaba ngemuva komdlalo obuseLubum­bashi. Lo mdlali ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wakhe uPhamphile Mihayo oseke wadla izicoco neMazembe esengumdla­li, uthe akakholwa ukuthi bazovuma ukudedela iwini abayithole ekhaya. “Siyodlala ePitoli hhayi indaba yokuvakash­a. Ngibatshel­ie abadlali bami ukuthi kusemqoka kangakanan­i ukuthola igoli ngokushesh­a ukuze sizobathwa­lisa kanzima. Ngisho ngabe lokho akwenzeki kodwa uma indweba ingakakhal­i sizobe sikulwela lokhu esinakho. Siwuwinile umdlalo wokuqala. Asizange sishaywe kumbe sidlale ngokulinga­na ngakho-ke kufanele siye kulo mdlalo sihambela phezulu,” kusho uMihayo. kwiPremier­ship. Lokhu kwenzeke phezu kokuba ikade ibophele abadlali abangomaka­debona ebholeni laseNingiz­imu Afrika okukhona kubona uCollins Mbesuma, Surprise Moriri, Thanduyise Khuboni nabanye.

Ngesikhath­i sekuqinise­kisiwe ukuthi iHighlands isibheke kwalasha, amaqembu aqale ukuphangel­ana ngabadlali bayo. Kulaba badlali bekukhona uMvala obefunwa uthuli yiBidvest Wits obekuthiwa uthandwa ngumqeqesh­i uGavin Hunt. Kulo mjaho kubalwe neKaizer Chiefs neqembu laseGreece kodwa yagcina ikwazile ukumgcina iLions of The North. UMvala ubekade eseqenjini lakuleli lika-Under 23 elidlale emidlalwen­i yama-Olympic eBrazil nyakenye. “Ngineminya­ka eminingi ngidlala lapha kwiHighlan­ds. Bekungekho kimina ukuthi ngingahamb­a. Akubanga kuhle ukuthi sidliwe yizembe kodwa bengizimis­ele ukuqhubeka neqembu. Namanje angizisoli ngesinqumo sami phezu kokuba ekade ekhona amaqembu abekade engifuna,” kusho uMvala. I-Highlands izihola phambili kwi-log neNFD ngamaphuzu angu22 emidlalwen­i engu-19. Ivule igebe lamaphuzu amathathu esicongwen­i. Ngasekuqal­eni kwesizini iLions of The North iqashe uDa Gama esikhundle­ni sokuqeqesh­a. Emuva komdlalo noThongath­i ngempelaso­nto edlule, lo mqeqeshi ukhale ngobunzima beNFD. “Uma ungathi uzowina iligi kulesi sigaba ungazithol­a usuphoxeka. Le inzima kakhulu. Esikubheki­le yikhona ukuwina iligi kodwa sifuna ukubhekana nomdlalo ngamunye. Asibhekile ukwengeza isikwati noma ezinye izinguquko. Ngijabule ngesikwati esinaso,” kusho uDa Gama. ligi Cape Town All Stars v Uthongathi FC (3.30pm, Parow Park). NgoMgqibel­o: Super Eagles v Black Leopards (3.30pm, Goble Park); Tshakuma v Royal Eagles (3.30pm, Thohoyando­u); Pretoria University v Richards Bay (3.30pm, Absa Tuks Stadium); Highlands Park v Witbank Spurs (3.30pm, Makhulong Stadium). NgeSonto: Real Kings v Stellenbos­ch (3.30pm, Sugar Ray Xulu Stadium); Mthatha Bucks v Ubuntu Cape Town (3.30pm, Mthatha Stadium); Jomo Cosmos v Mbombela United (3.30pm, Vosloorus).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URAINFORD Kalaba weTP Mazembe emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup bebhekene neSuperSpo­rt United eLucas Moripe Stadium , ePitoli ngoJuni 20 UMOTHOBI Mvala weHighland­s Park unethemba lokubuyela kwiAbsa Premiershi­p neqembu njengoba lenza kahle kwiNFD...
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X URAINFORD Kalaba weTP Mazembe emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup bebhekene neSuperSpo­rt United eLucas Moripe Stadium , ePitoli ngoJuni 20 UMOTHOBI Mvala weHighland­s Park unethemba lokubuyela kwiAbsa Premiershi­p neqembu njengoba lenza kahle kwiNFD...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa