Umgadli woSuthu ufuna kuphenduke amatafula
UMGADLI waMaZulu, uRhulani Manzini, ukholwa wukuthi bangawaphendula amatafula emdlalweni we-Absa Premiership neKaizer Chiefs uma bengalandela imiyalelo yomqeqeshi uCavin Johnson.
Usuthu lozogadulisana neChiefs emdlalweni wePremiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, namuhla ngo7.30 ebusuku.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukudlala, AmaZulu akhale ngaphansi ngo 3-0 koweTelkom Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Emuva komdlalo, uJohson ukhale ngokuhlulwa ngamathuba okushaya amagoli kwabadlali bakhe. Kulaba badlali kukhona uMabhuti Khanyeza, Manzini nabanye.
Esithangamini nabezindaba izolo, uManzini uvumile ukuthi bazihlinzela phansi ngokuyeka amathuba koweTelkom. Uyena ohamba phambili ngokushaya amagoli kuMaZulu kwazise usebhakuzise inethi amahlandla ayisihlanu emidlalweni yeligi. UManzini usele ngegoli elilodwa kuRodney “Rama G” Ramagalela wePolokwane City ozihola phambili ngayisithupha.
“Sazenzela phansi kuloya mdlalo, asiwasebenzisanga amathuba esawathola. Kulokhu sisebenze kakhulu ejimini ekuqedeleni amathuba. Kudingeka sishaye igoli kuqala siphinde sinciphise amaphutha,” kusho uManzini.
“Uma silandele kahle imiyalelo yomqeqeshi, ngiyakholwa wukuthi singayehlula iChiefs. Singabagadli asikudingi ukunconywa uma sishaya amagoli ngoba kuwumsebenzi wethu. AmaZulu anabadlali abasezingeni eliphezulu abazokwazi ukwenza umsebenzi. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukunqoba lo mdalo.”
Usuthu luphikwa wumlando uma lubhekene neChiefs. Emidlalweni engu-20 kusukela ngesizini ka-2006/2007, Usuthu lusayihlule kanye iChiefs okwenzeka ngo-2007 koweligi luwina ngo 2-1. Imidlalo emine la maqembu adlale ngokulingana. Amakhosi anqobe engu-15.
AmaZulu asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-12 emuva kwemidlalo eyishiyagalolunye. Asawine imidlalo emithathu kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.
Usuthu luqoke ukufudukela eMlaza ngenxa yokuthi iChiefs isebenzisa iMabhida uma idlala imidlalo yasekhaya. UJohnson uthe bayakholwa ukuthi bazozuza ngesinqumo sabo sokudlalela eMlaza.
“Ngiyethemba ukuthi kuzosisebenzela ukudlalela eKing Zwelithini. Abadlali badlala ngokunethezeka khona futhi abalandeli bahlala eduzane,” kusho uJohnson.
“Siyakwazi okwenze sahluleka koweTelkom futhi sisebenze kanzima ukukulungisa. Sizozama ukubhekana nendlela iChiefs edlala ngayo, siyijezise uma yenza amaphutha.”
Ngakoluye uhlangothi iChiefs iphuma esibhaxwini sika 1-0 esithole kwiBidvest Wits kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngempelasonto. Lokhu kubuyisele ingcindezi kumqeqeshi uSteve Komphela.
Kulo mdlalo kuzodayiswa amathikithi angu-15 000 kuphela futhi awekho azodayiswa enkundleni. Atholakala e-computicket nasezitolo zakwaShoprite noCheckers. Ngokohlelo lwaMaZulu, abalandeli bazopaka enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu.