Isolezwe

Uphumele obala ngesinqumo sakhe sokugabha amaqembu amakhulu

- MINENHLE MKHIZE

UPHUMELE obala ngesinqumo sakhe sokugabha amaqembu amakhulu uJabulani Shongwe ogcine ejoyine iLamontvil­le Golden Arrows ngemuva kokumatani­swa namaqembu okubalwa kuwona iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

UShongwe (osesithomb­eni) ubekhonjwa kwiChiefs nePirates ngaphambi kokuthi asayine kuBafana Bes’thende. Selokhu efikile uyazitamuz­ela ngejezi.

Exoxa naleli phephandab­a ngesinqumo sakhe sokujoyina Abafana Bes’thende ukubeke kwacaca ukuthi ibhola elidlalwa yileli qembu yilona elenze wangananaz­a ukuthi asayine.

“Ngijabule ngokujoyin­a i-Arrows. Okwamanje ngisazama ukubuyela esimeni njengoba kade ngingadlal­i. Isifiso sami wukwenza kahle emidlalwen­i ezayo. Kube yisinqumo esilula ukujoyina i-Arrows ngoba idlala uhlobo lwebhola elihambisa­na sami.

“I-Arrows ifuna ukuzuza izinto ezinkulu nami ngifuna ukuba yingxenye yokuzuza lezo zinto.

“Usihlalo weqembu (uMato Madlala) ungichazel­ile ngezinhlel­o ezinkulu iqembu elinazo ngase ngithathek­a,” kusho uShongwe.

UShongwe oyibamba phakathi nesitayela nenkundla noma ngakwesoku­nxele phambili uphinde wavula isifuba ngobunzima abhekane nabo kwiBidvest Wits abegijima kuyona ngesizini edlule. Leli nxele lichithe cishe isizini yonke lishikisha ibhentshi ngesizini edlule. “Bekuyisimo esinzima ebengibhek­ene naso. Kuyacasula uma ungumdlali ukuvele uhlaliswe ebhentshin­i ekubeni ngesizini eyandulela leyo bengidlala njalo. Ngesizini edlule angizange ngidlale nhlobo. Yize kusuke kucasula ukuvele uhlaliswe ebhentshin­i kodwa kumqoka ukuthi uzithobe uphinde uziphathe kahle. Kumele wazi ukuthi yini oyifunayo. “Ngizitholi­le izizathu zokungadla­liswa kwami. Iqembu belenza kahle kodwa njengomdla­li uvele ungaqondi ukuthi kungani ungadlali ekubeni wenze kahle ngesizini ephambili.

“Kumele ngiqine ngokomqond­o. Ekupheleni kosuku ngilapha kwi-Arrows futhi angisenalo ixhala lokubhekan­a nesimo ebengibhek­ene naso ngesizini edlule,” kusho uShongwe.

Izolo i-Arrows ibibhekene ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium, eSoweto, emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

UShongwe uthe ujabule ngendlela iqembu elenza ngayo selokhu kuqala isizini kodwa akumele baxegisa ngoba bangazitho­la beshona phansi kwilog ye-Absa Premiershi­p njengoba kwenzekile ngesizini edlule.

“Kumele sibhekise amakhanda phansi siqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla,” kuphetha uShongwe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa