Uzanyelwa indawo azozinza kuyo
USAZANYELWA indawo azozinza kuyona eqenjini umdlali osemncame weSuperSport United, uFagrie Lakay.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi weqembu leMultichoice Diski Challenge (MDC), uKwanele Kopo, ngemuva kokuthi uLakay ebe ngomunye wabagqamile ngesikhathi i-United iguqisa omakhelwane bayo iMamelodi Sundowns ngo 3-0 emdlalweni odlule kule ligi.
Ngemuva kokuyibamba kwiMDC, uLakay (20) nozakwabo uSipho Mbule, bazithole besendizeni ebheke eDemocratic Republic of Congo lapho Amatsatsantsa a Pitori abebhekene neTP Mazembe emlenzeni wokuqala kowamanqamu weCAF Confederation Cup.
UMbule oyibamba esiswini uwuqalile umdlalo ethatha indawo kaReneilwe Letsholonyane obenamakhadi aphuzi, waphuma negoli.
ULakay ungene esuka ebhentshini iqembu lagcina liguqe ngo 2-1.
Umdlalo womlenze wesibili ungoMgqibelo eLucas Moripe Stadium ngo-8.15 ebusuku lapho kulindeleke ukuthi abalandeli baphume ngobuningi ukuyoleseka njengoba limele iNingizimu Afrika.
“Nyakenye ngimthathile uFagrie ngaya naye kwiBayhill Under 19, wafike waba ngumshayimagoli ovelele. Besilokhu simdlalisa kwesokudla kodwa akenzi kahle ngisho eqenjini elikhulu.
“Kulokhu ngimdlalise phambili lapho engicabanga ukuthi ukwazi ukunyakaza kangcono khona. Kwesokudla uyanqindeka kulayini ekubeni akamuhle kahle ekujikeni nasekugijimeni nebhola.
“Kodwa uma umdlalisa maphakathi uyakwazi ukuya kwesokunxele nangakwesokudla ngokukhululeka esebenzisa ijubane lakhe.
Yilokho akukhombisile namuhla (emdlalweni weSundowns). Sisazama ukumtholela indawo yakhe kodwa sonke isikhathi uma simfaka maphakathi wenza kahle.
Ukhombise okukhulu ukuzimisela okusho lukhulu ngentshisekelo anayo yokuthola indawo njalo eqenjini elikhulu,” kusho uKopo.
Abadlali abanjengoLakay, Mbule nabanye kufanele ukuthi yibona laba umqeqeshi weqembu elikhulu le-United, u-Eric Tinkler abekhuluma ngabo, ethi kuzomele baziveze ezikhathini ezinzima ezisazobhekana neqembu.
UTinkler ubekhuluma ngaphambi komdlalo wokuqala neMazembe.
“Sizothembela kakhulu ekutheni iqembu lethu linothe (ngabadlali) kangakanani.
“Yileso isifundo engisithole kwiOrlando Pirates. Abadlali kumele baziveze njengoba kunabadlali abalimele nabanamakhadi. Yilelo ivangeli engilishumayela kubona. Sinemidlalo emqoka yamanqamu. NgoJanuwari mhlawumbe sizoba cishe nemidlalo eyisishiyagalombili. Uma ngibabiza kumele basabele,” kusho uTinkler.
Ngenxa yokufinyelela kowamanqamu weConfederation Cup, i-United isele ngemuva emidlalweni ye-Absa Premiership. Inemidlalo emihlanu ngesikhathi amanye amaqembu esedlale engu-11.