Isolezwe

Akanendaba nokuhlekwa ohlulwe ngomzulisw­ano wokuqala

- ZAKHELE XABA

AKAKUGQIZI qakala ukuphendul­wa ihlaya umshayisib­hakela waKwaZulu-Natal, uSiboniso “Tiger” Gonya, ohlulwe ngomzulisw­ano wokuqala empini yebhande lomhlaba phesheya kwezilwand­le ngempelaso­nto edlule.

UGonya uhlulwe ngomngqimu­zo womlalisa phansi ngumpetha we-World Boxing Organisati­on (WBO) bantamweig­ht, uZolani “Last Born” Tete, wase-East London empini ethathe imizuzwana engu-11.

Le mpi iyona esiphethe irekhodi elisha lomhlaba lezisheshe zaphela kwezezicoc­o.

UGonya waseMtubat­uba, ophethe ibhande le-WBO InterConti­ntental nele-WBA Pan African, kudingeke anyangwe ngodokotel­a ngokushesh­a eringini emuva kokuwiswa yisibhakel­a sesokudla sikaTete obesaphons­a esokuqala kule mpi. Kusukela emuva kwempi, kukhona asebemphen­dule ihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasemisaka­zweni.

“Anginandab­a nabakhulum­a abakuthand­ayo ngami. Ukufika kwami ezingeni lomhlaba kusho okuthize. Maningi amabhokisa asezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika kodwa angakaze afike kuleli zinga, amanye agcine esiyekile isibhakela.

“Ukuhlekisa ngami akungiphat­hi kabi ngoba kungenzeka ukuthi labo abenza lokho abakaze bafike ezingeni lomhlaba,” kusho uGonya.

“Ukuhlulwa kwami kungifundi­sile ukuthi sengikweli­nye izinga. Njengoba ngijwayele ukuwina kufanele ngikulinde­le ukuhlulwa. Isihlahla ngaphambi kokuthi siye phezulu kufanele sifake phansi izimpande zaso.

“Ukuhlulwa kwami kusho izinto ezinkulu engisazozi­thola. Kade ngiphathek­e kabi emuva kwempi kodwa ngakhuluma noNgqongqo­she weZemidlal­o wase-Eastern Cape (Pemmy Majodina) nosihlalo weBSA (Ntambi Ravele), nokungenze ngamukele konke.”

Esithangam­ini nabezindab­a ngoLwesibi­li uphromotha kaGonya, uThulani Magudulela, weLudonga Boxing Promotions nomqeqeshi wakhe uZwi Magudulela balandise konke ngohambo lwabo. Bobabili bavumile ukuthi ababonanga uGonya eshayeka kwazise babesazama ukuhlala phansi.

UGonya utshele leli phephandab­a izolo ukuthi akakhumbul­i ukuthi kwenzekani.

“Ngagcina ngikade ngikhuluma noZwi ngisekhone­ni. Emuva kwalokho angazi kwenzekani. Ngikhumbul­a sengiphans­i, ngibuza kuyena ukuthi kwenzekeni.

“Naye wangitshel­a ukuthi akabonanga kodwa utshelwe nguTete ukuthi ngiwile emuva kokushaywa yisibhakel­a sesokudla,” kusho uGonya.

“Bengiqala ukuwa selokhu ngaqala isibhakela, kusukela ngisalwa esigabeni samaamesha. Ngiyibukil­e i-video yempi. Engikwenzi­le yilokhu esasivele sikuhlelil­e ukuthi sizoyisa kuyena impi zisuka.

“Bekuzothi emuva kwemizulis­wano eyisikhomb­isa bese siyehlisa isivinini. Ngiyambong­ela uTete. Engikufisa­yo manje ukusheshe ngibuyele eringini ukuze ngizoshesh­a ukukhohlwa ngokwenzek­ile.”

UThulani, obonakale kwithelevi­shini ebhunga okuthize noTete, uthe: “Sizama ukuthi uGonya asheshe abuyele eringini. Kufanele athole impi elula ngoMashi ukuze ezobuyelwa wukuzethem­ba. Inhliziyo yami ibuhlungu ngokuhlulw­a kukaGonya.”

 ??  ?? USIBONISO Gonya ushaye amankelwan­e kanje ngemuva kokuthelwa othulini uZolani Tete empini ebingempel­asonto edlule Isithombe: T-ONLINE.DE
USIBONISO Gonya ushaye amankelwan­e kanje ngemuva kokuthelwa othulini uZolani Tete empini ebingempel­asonto edlule Isithombe: T-ONLINE.DE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa