Izigidi zokulungisa umonakalo odalwe yimvula eKZN
IZIMVULA ezakhahlameza iKwaZulu-Natal ngoSepthemba nonyaka zadala umonakalo ongalungiswa ngo-R434 million. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weziMali izolo, uNksz Belinda Scott ethula isabelo sezimali esibuyekeziwe esiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu.
UNkk Scott uthe imvula yadala umonakalo omkhulu ezibhedlela, ezikoleni, emigwaqweni nakwezinye izikhungo zikahulumeni.
Uthe umnyango wezemfundo wakhahlamezeka kakhulu ngalezi zimvula.
“Umnyango wezokuthutha wathola u-R200 million kwathi owezemfundo wathola u-R133 million, owezempilo wathola u-R100 million. Le mali iminyango izoyithola kusuka nonyaka wezimali nangozayo wezimali,” kusho uNkk Scott.
Uthe zingu-324 izikole ezakhahlamezeka wathi bezidinga u-R56 million ukuzilungisa.
UNkk Scott uthe umnyango wezemfundo uphinde wabelwa u-R200 million wokuhlangabezana nezinhlelo zokuvakashelwa kwezikole ukuze kwesekwe abasebenzi balo mnyango, ukubhekana nezivivinyo zikamatric kanjalo nezivivinyo zokuchibiyela.
Uqhube wathi abalo mnyango babheka ezinye izindlela zokonga imali njengoba kulindeleke ukuthi kongiwe u-R419 million.
Uthe umnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uzohlinzekwa ngo-R40 million ukubhekana nemiholo yezinduna.
“Lo mnyango ubhekene nengcindezi ngasezimalini ngenxa yokuthi kudingeka ukhokhele izinduna.”
Uthe umnyango kaNdunankulu uhluleke wukusebenzisa u-R5.9 million wokulungisa izigodlo zeSilo.
IMbube ihlale ikhala ngokuthi izigodlo zayo azilungiswa ngesikhathi.
Ubale iminyango esebenzise ngaphansi kwesabelo ebiyabelwe sona njengowezokuthutha osebenzise u-R27 million.
“Kule mali u-R25 million uzosetshenziselwa ukwakha umzila wamabhasi emgwaqweni u-P577 eThekwini kuthi u-R2 milion usetshenziselwe ukulwa nobugebengu emngceleni wakuleli neMozambique,” kusho uNkk Scott.
Owemisebenzi yomphakathi usebenzise ngaphansi kuka-R6.5 million. UMgababa Youth Festival uzokwabelwa u-R250 000, iGumba Festival u-R400 000, iLove to Live u-R80 000 okuyimali ezoqhamuka emnyangweni wezamaciko,” kusho uNkk Scott.