Yini abenzi bobubi bagcine bephumelela emdlalweni Uzalo?
MHLELI: Ngicela ukuphawula ngomdlalo owuchungechunge othandwa kakhulu nami engingomunye wabalandeli bawo, Uzalo. Ngibathulela isigqoko ababhali nabalingisi boZalo ngokusibonisa umdlalo osezingeni eliphezulu, omnandi futhi ohehayo.
Ngingasho ngingananazi ukuthi uma uke waqala wabuka Uzalo kuba nzima ukuyeka ukululandela ngenxa yezinga eliphezulu lalo. Kunento engididayo kulo mdlalo neyenza ngibhale lo mbono wami. Izigameko zalo mdlalo ngizibona zikhuthaza izenzo zobulwane ebantwini ikakhulukazi entsheni esakhula. Izinto ezintathu ezihamba phambili kuZalo wubugebengu, okugqame kakhulu kubo uNkunzi nomfowabo uQhabanga oyiphoyisa elisebenza nezigebengu. Kubukeka lezi zigebengu ziphumelela kukho konke ezikwenzayo njengoba sezize zantshontsha ngempumeplelo imoto yomphathi wamaphoyisa.
Ngokubona kwami lobu bugebengu esibubona kuZalo kuzobulala isizwe esivele sintekenteke, izingane ezikhulayo zizobona ubugebengu kuyindlela elula yokuphumelela. Into yesibili yakamuva ekaSmangele obukeka ecwasa isoka lakhe ngenxa yokuthi linegciwane lengculazi. Emva komsebenzi ongaka weminyaka kufundiswa abantu ngesifo sengculazi ngabe usekhona umuntu ocwasa abantu abahaqwe yilesi sifo? Ngokubona kwami Uzalo lushaye udaka kulolu daba lukaSma.
Into yokugcina nesiyichilo elikhulu yile kaMaNzuza noZulu abajola udede. Okufike kube nzima kakhulu wukuthi uMaNzuza ungumama umfundisi. Ngiyazi ukuthi omunye uzothi Uzalo lusibonisa izinto ezenzekayo emphakathini kodwa umbuzo wami uthi kungani abenzi bokubi begcina bephumelela kulo mdlalo? Abanye bayaboshwa ngenxa yokugebengu kodwa kuba yisikhathi esincane baphume emajele baqhubeke lapho begcine khona.
Ngokwami Uzalo lubhidliza isizwe okumele ngabe siyakhiwa. Kumele ngabe Uzalo lusebenzisa ithuba ukufundisa intsha.