Ufihlelwe egcekeni owase-DCC
KWEN ZEKE okungajwayelekile ngeledlule esontweni elikhulukazi laseThekwini ngesikhathi umfundisi wakhona engcwatshwa egcekeni.
NgoMgqibelo odlule bekuphithizela eDurban Christian Centre, eMayville, kuvaleliswa okokugcina umfundisi wakhona uDkt Fred Roberts, obenegalelo eliyisimanga ekusabalaliseni ivangeli emagunjini amane omhlaba.
Ngemuva kokulunywa indlebe kwezeMingcwabo ngethuna likaRoberts, zibe sezinikela khona ebandleni ukuyothola kabanzi ngalo kwazise ngokomthetho kaMasipala weTheku akuvumelekile ukuthi kungcwatshwe noma yikuphi.
Kukhulunywa noMfundisi Ron Steele obhekelele ezokuxhumana ebandleni, uthe bayilandele yonke imigudu okutheni uRoberts angcwatshelwe emagcekeni ebandla.
“UMfundisi uRoberts ushone ngeledlule. Ngesikhathi eshona sibe sesicabanga ukuthi kumele angcwatshelwe la ebaleni. Kodwa siqale sabhalela uMasipala weTheku, eMnyangweni wezamaThuna, sicela usinike imvume yokuthi uRoberts angcwatshwe kuleli bala. Nokho ibe mningi imigudu obekumele siyilandele kodwa ekugcineni kugcine kulungile,’’ kusho uSteele.
Uthe umasipala ubafune amapulani ufuna ukubona ukuthi ithuna lizoba kanjani.
“Siwahambisile amapulani kuMasipala weTheku, ngoba agcine esamabili, elinye kuzoba elikankosikazi wakhe. Umasipala ugcine usinikile igunya lokungcwaba.’’
Amagalelo kaMfundisi Roberts ayaziwa njengoba iDCC inamagatsha nasemalokishini okubalwa eliKwaMashu eliholwa wuMfundisi Mzimela, iKwaMashu Christian Centre.
Kuningi okuhle okwenziwe wuRoberts emphakathini wabamnyama.
Imizamo yokuthola iNhloko yezamaPaki namaThuna kuMasipala weTheku ayiphumelelanga, ucingo belukhala lungabanjwa.
Ngenxa yokushoda kwendawo yokungcwaba, kuwumqondo omuhle ukuthi uzithengele indawo yakho yokungcwaba njengoba kwenzekile kuRoberts nakunkosikazi wakhe.
Uma ufuna eminye imininingwane ngalokho ungavakashela emahhovisi akwaSizakala aseduze.
Kulabo abafihla izihlobo zabo kule mpelasonto, sengathi uNkulunkulu enganibopha ngebhande elilodwa likamoya.
Asihlangane ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwabo.