I-Standard Bank iklomelisa amaciko
ELINYE lamabhange amakhulu kuleli lithi lisazimisele ukukhuthaza abasemkhakheni wezobuciko ukuthi babe ngosomabhizinisi, ngokubaklomelisa ngezindondo.
Nonyaka abakwaStandard Bank baklomelise amaciko ayisithupha emcimbini wabo waminyaka yonke obizwa ngeYoung Artist Award, ohlose ukukhuthaza amaciko ukuthi awaphendule amabhizinisi amakhono awo. Sekuwunyaka wesi-36 leli bhange laqala le miklomelo ngokubambisana neNational Arts Festival.
UNkk Hazel Chimhandamba, oyiNhloko yophiko lwezoxhaso kwaStandard Bank, uthe izinga lale miklomelo liyanyuka minyaka yonke.
“Inhloso yethu yokunikeza amaciko ithuba lokuthi aziwe ngomsebenzi wawo iyafezeka ngale miklomelo. Sesikwazile ukuzakhela umlando nokuletha abantu abazoba yisibonelo ezizukulwaneni ezizayo ngenxa yale miklomelo.”
OnguMdidiyeli weNational Arts Festival u-Ashraf Johaardien, uthe le miklomelo yenza ikusasa lamaciko liqhazake, akhule nakwezebhizinisi. Phakathi kwaseke bahlonishwa kule miklomelo phambilini futhi asebaziwa nakwezamabhizinisi kubalwa uMbongeni Ngema, Johnny Clegg, Sibongile Khumalo, Darrell Roodt nabanye.
Abaklonyeliswe nonyaka ngoChuma Sopotela ongumlingisi wemidlalo yeshashalazi nomdansi, uGuy Buttery ongumdlali wesigingci no-Igshaan Adams oyiVisual Artist. Kuklonyeliswe noJemma Kahn kwezeshashalazi, uMusa Hlatshwayo ofundisa umdanso noThandi Ntuli ongumbhali wezingoma zeJazz nomdlali wopiyano.
AmaStandard Bank Young Artist Awards asungulwa yileli bhange ukulekelela amaciko akuleli ukuze adlondlobale ebhizinisini lawo. Abanye abaklonyeliswa kulo mcimbi bathola nethuba lokunandisa kwiNational Arts Festival eba seGrahamstown e-Eastern Cape minyaka yonke.