I-Audi TTRS idonsa amehlo ngobuhle
Isuka ekhasini 5 TTRS Kulezi zimoto ezintsha zakwaAudi, i-TTRS iyona edonsa amehlo kakhulu ngendlela eyakhiwe ngayo.
Uyabona ukuthi i-CLC 43 yakwa AMG ayinandawo embukisweni uma uyiqhathanisa ne-TTRS. Obhampa bangaphambili nangemumva ungafunga ukuthi bathathwe ezimotweni zomjaho bese kuthi ngaphambili ifike namalambu e-LED ne-honeycomb grille epholishiwe.
Ukuvuleka emaceleneli kufanele kube khona njengoba inamathayi angu-19 inch noma u-20 inch okwenza izimbangi zibuze zithi “Ijimaphi le-weight”.
Ukhakhayi lwe-TTRS lwehla ngesitayela ukuya emumva lapho ihlangana ne-spoiler sikagesi esizinyukela sona uma isigijima.
Ngemumva uthola ubuchwepheshe obusha bamalambu obubizwa nge-Matrix OLED olukhanya ngokudlulele. Amapayipi amabili amakhulu enza ungazami ukuyisukela emgwaqeni ngoba izokwenzela ongakulindele.
Ngaphakathi ihlala abantu abane kodwa izihlalo zangemumva zilingene abantu abancane ngoba zithothene.
Izihlalo eze-RS ezikubamba ngqi emakhoneni bese kuthi isiteringi kube esomjaho esibuye sibe nenkinobho yokudumisa nokushintsha indlela eduma ngayo (start button and dynamic selector).
Igiya ele-RS bese kuthi uma uvula isicabha kukhanya u-RS kuma-sills. I-Audi Virtual Cockpit ifika nayo i-TTRS eyenza umshayeli abuke i-Navigation nejubane futhi abona nokulawula umsakazo kwiscreen esisodwa. IZINJINI NAMANDLA
Ngokwejubane zontathu lezizimoto zikhombisa izimbangi indlela.
Injini oyithola kwi-RS5 bayakhe ngokuhlangana no-Porsche. Iyi2.9 litre V6 onama-Turbo amabili ukwenza ikhiphe 331kW/600Nm.
La mandla iwabeka emgwaqeni isebenzisa i-Quattro okusho ukuthi idonsa ngawo wonke amasondo isebenzisa u-gearbox we-Tiptronic onamagiya ayisishiyagalombili (8-speed Tiptronic automatic).
Ngejubane I-RS5 iyayincamisa i-M4 ne C63s njengoba isuka ekumeni iye ku 100km/h ngemizuzwana engu 3.9.
Ijubane limiswe ku 250km/h kodwa uma ucela kahle ngokuthenga i-RS Dynamic Package, iyakwazi ukuma ku 280km/h. Idla uphethroli ongu 8.7l/100km.
Ukunyusa injabulo kubanini be-RS5, abakwa Audi bayifake ne-suspension ye-RS ehambela phansi futhi ebambelela emakhoneni.
I-Dynamic Ride Control yenza umshayeli akwazi ukuyenza ntofo uma ethanda (Comfort) noma ayiqinise uma efuna ukushaya amakhona (Dynamic).
Amabhuleki ezimoto zomjaho (Ceramic brakes) uyakwazi ukuwafaka kodwa into efika nayo futhi eyenza umehluko omkhulu yi Sports Exhaust ebhavumula kubaleke zingane nezilwane eduze kwayo. Abafana be Vrrr Phaa basenkingeni.
I-TTRS and RS3 Sportback zombili (RS3 ne TTRS) zisebenzisa injini eyodwa okuyi 2.5 litre enamasilinda ayisihlanu aneTurbo (2.5-litre 5-cylinder TFSI).
Ikhipha amandla awu 294kW/480Nm ewayisa kuwona womane amasondo (Quattro all wheel drive), isebenzisa u-gearbox onamagiya ayiskhombisa (7-speed S Tronic Dual Clutch).
Konke lokhu kuhlangana kwenze i-RS3 Sportback isuke ekumeni iye ku 100km/h ngemizuzwana engu-4.1 igcine ku 250km/h (280km/h uma uthatha I RS Dynamic Package).
I TTRS yona isebenzisa lenjini ukusuka 0 iye ku 100km/h ngemizuzwana engu 3.7. Ngokudla uphethroli i-RS3 idla 8.2l/100km bese kuthi i-TTRS idle 8.6l/100km.
Abakwa-Audi benze injabulo yaba sezingeni kubashayeli njengoba zombili lezi zimoto zifika ne Sports exhaust okwazi ukucindezela inkonobho ukuze ivulele umsindo owenza kume nesinedolo. Amanani (ahlangene ne-Vat) Audi RS5 Coupe R1 285 500 Audi RS3 Sportback R895 500 Audi TTRS Coupe R963 000 Wonke ama-Audi afika neFreeway Plan ene a five-year/100 000km maintenance plan