Kuyalwa isimame sizihlolele umdlavuza
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo ugqugquzele abesifazane ukuthi bakukhuthalele ukuzihlola amabele ukuze balwe nomdlavuza webele.
Uthe uma umdlavuza usheshe watholakala kuba lula ukuwelapha.
“Abesifazane mabazijwayeze ukuzihlola amabele ukuze kuthi uma kunezigaxa ezingajwayelekile ebeleni basheshe baphuthume esibhedlela,” kusho uDhlomo.
Uthe namadoda kufanele ahlole amabele abesifazane ngemvume abazoyinikwa yibona hhayi ukuthi bamane bazithintele wona nje.
UDhlomo ubekhuluma emcimbini obuKwaNzimakwe ngoLwesibili lapho ebefundisa khona abesifazane ngobungozi bomdlavuza webele nowesibeletho.
“Abesifazane abaningi babulawa wumdlavuza webele nowesibeletho. Kufanele nizijwayeze ukuhlola amabele nokusukuma uma kukhona eningakuzwa kahle. Kulula ukuhlola umdlavuza webele ngoba uma phambi kwesibuko bese uphakamisa izandla uma amabele akho ephakama kusho ukuthi usaphila kodwa uma elilodwa lingaphakami kusho ukuthi kukhona okonakele,” kusho uDhlomo.
Uthe amadoda aneqhaza elibalulekile ekulweni nomdlavuza webele ngoba uma eqaphela amabele ezithandwa zawo azokwazi ukubona uma kukhona okungahambi kahle.
Uveze ukuthi kudala umdlavuza wesibeletho ubuphatha abesifazane abaneminyaka engu-60 kodwa manje usuhlasela ngisho abaneminyaka engu-30 yingakho bematasa nezinhlelo zokuqwashisa abesifazane ngawo.
Uthe kufanele bakukhuthalele nokuyokwenza iPap Smear okuwukuhlola umdlavuza wesibeletho.
Uphinde wacela abazali ukuthi bafundise izingane indlela yokuziphatha, bazixwayise nangobungozi bokulala nabantu abadala okuvela ukuthi yikhona okuholele ekutheni amantombazane aneminyaka engu-15 kuya ku-24 abe ne-HIV.
UDhlomo uphinde waveza ukuthi iziguli zaKwaNzimakwe ezisuke zisemtholampilo iNtabeni, sezizokwazi ukudluliselwa esibhedlela iPort Shepstone Regional ngaphandle kokuqala emtholampilo waseGamalakhe.
Lokhu kuzosiza ukuthi zisheshe zithole usizo lwezempilo oluzifanele kwehlise nemicikilisho ebeziyilandela kuqala.