Isexwayiso ngogwayi womkokotelo
BANGASE balahlekelwe umsebenzi abantu abaqashwe emapulazini atshale ugwayi eLimpopo naseMpumalanga ngenxa yokungena kukagwayi ongekho emthethweni emakethe.
Lezi zindaba zivezwe yinhlangano yabalimi bakagwayi, iLimpopo Tobacco Processors (Pty) Ltd.
Iveze ukuthi abalimi abasakwazi ukumelana nezindleko zokukhiqiza ugwayi ngoba awuthengwa kwazise kukhona imikokotelo yamaluzi eshibhile.
Ithe bangu-20 000 abantu abasengcupheni yokulala bengadlile ngenxa yokungena kukagwayi womkokotelo.
Ibe isicela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangawulokothi ugwayi womkokotelo ngoba ubulala umnotho nempilo yabasebenzi.
Inhlangano ethenga ugwayi kubalimi iBritish American Tobacco South Africa (Batsa) ibe isikhipha amasu ambalwa okuxwayisa abantu ngogwayi womkokotelo.
Bathe iphakethe likagwayi elinamaluzi angu-20 akumele libize ngaphansi kuka-R16.30. Lokhu kwenziwa wukuthi ugwayi ukhokha intela ngaphambi kokuthi ungene emakethe, le ntela isetshenziselwa ukuthuthukisa umnotho.
Bathe ugwayi womkokotelo awunazo izixwayiso ezibalulekile ezishoyo ukuthi awubhenywa ngabaneminyaka engaphansi kuka-18 futhi ukushibha kwawo kuwenza uthengwe nayintsha engasebenzi.
Bathe uyingozi kakhulu ugwayi womkokotelo ngoba awuhlolwa ngesikhathi usenziwa ukuthi unezithako ezifanele yini.
Baphethe ngokugqugquzela abantu ukuthi bathenge ugwayi osemthethweni, kubadayisi abafanelekile ukuze kuthuthuke umnotho wezwe futhi nabasebenza emapulazini kagwayi bahlale beqashiwe.