Uwaphanyeka nesilonda amagilavu uSinyabi
UNESILONDA enhlizinyweni ngokuhluleka ukuwina ibhande lomhlaba umshayisibhakela wase-Eastern Cape, uMacbute “Macman” Sinyabi, ozokwenzelwa impi yokumvalelisa kwezamankomane ngenyanga ezayo.
USinyabi uqhakaze esibhakeleni eminyakeni edlule eqeqeshwa yinkakha uNick “Mthakathi” Durandt ongasekho. Uqophe umlando evikela ibhande le-SA Junior featherweight kawu10.
Ugcine ephucwe leli bhande nguThabo “Eagle” Sonjica. Akabange esabuyela eringini emuva kokuhlulwa yivukana u-Azinga “Golden Boy” Fuzile empini yebhande le-SA Featherweight ngoSeptemba nyakenye. Kuvele ukuthi obenguphromotha wakhe u-Ayanda Matiti weXaba Boxing Promotions, uzomvalelisa ngendumezulu yezimpi ezizoba se-Orient Theatre ngoDisemba 8.
Nakuba uSinyabi engomunye wabashayisibhakela abazakhele igama eNingizimu Afrika kodwa usakhala ngokungafezeki kwephupho lakhe lokuba ngumpetha womhlaba. Ngo2012 uhlulwe nguThangthong Klongjan waseThailand empini yokuhlunga owayezolwela ibhande le-International Boxing Federation (IBF) Super bantamweight phesheya kwezilwandle. Ngaphandle kwalokhu uSinyabi ugcine ebhandeni le-International Boxing Organisation (IBO) International nele-IBO InterContinental.
“Bengifuna ukuba ngumpetha womhlaba okuyinto egcine ingenzekanga. Ngesikhathi siqala isibhakela esikhokhelayo noZolani Tete ngo-2006, sazibekela ukuthi sifinyelele kwelinye izinga, siphathe izicoco zomhlaba. Kodwake nami ngenze obekungenziwa muntu okuwukugcwalisa i-Orient Theatre sonke isikhathi uma ngizolwa khona,” kusho uSinyabi.
“Ngaphambi kokubhekana noFuzile, nganquma ukuthi kuzoba yimpi yami yokugcina. Kuyangijabulisa, angazi ukuthi ngingathini, ukuthi ngizovaleliswa ngisaphila. Abanye abantu abakutholi lokhu. Kunabashayisibhakela engikhule ngibukela kubona abawine amabhande omhlaba kodwa akekho noyedwa owenzelwe lokhu. Engikwenzelwe nguMatiti kuyinto enkulu kimina.”
USinyabi ungomunye wabashayisibhakela abebenyamanambana kubathandi besibhakela e-East London emuva kokuthi ejoyine uDurandt eGauteng. UDurandt, okhiqize ompetha abaningi kunabo bonke abaqeqeshi eMzansi, ubengathandwa e-Eastern Cape esolwa ngokuzikhukhumeza ngakuzuze esibhakeleni ekubeni ethola amabhokisa esevele evuthiwe.
USinyabi uthe usezongena ebhizinisini lokwakha aphinde abe nguphromotha wesibhakela. Inkampani yakhe yokuphromotha uzoyibiza ngeMMT Promotions.
“Ukuphromotha kudinga ube yindoda, akukhona okwabafana. Ngibone kungcono ngiqale emabhizinisini, angifuni ukuzakhela igama ngiseyibhokisa ngifike ngidume kabi uma sengiwuphromotha, sengihluleka. Ngifuna ukushintsha izinto esibhakeleni nendlela abantu abasibuka ngayo,” kusho uSinyabi.