Akazisoli obengenele owemishado
IZIBALO ZISAVUNA URAMAPHOSA OKWAMANJE
Vusie Mdletshe: E-Eastern Cape, Western Cape, Northern Cape, Limpopo naseGauteng iningi lamagatsha liqoke uCR17 kanti iKZN, Free State neNorth West iningi liqoke uNDZ bese iMpumalanga ikhuluma eyobumbano. Sekuyocaca ezithunyweni ukuthi zona zizomisa kanjani engqungqutheleni eNasrec.
Mckenzie Tk Jabo: Vele kumele zimvune uyiphini likamengameli futhi kumele uma kuphuma umengameli kungene yena. Kungani kumele kushintshe uma sekumele kungene yena? Odinga isikhundla uyolandela emva kwakhe.
Zaks Biyela: Uma ukhumbula kahle noMbeki wayehamba phambili kwafikwa engqungqutheleni zashintsha izinto. BAFUNA IBE YISIDLO SIKAKHISIMUSI I-SUPERSPORT
Thato Ntando Phohlo: Siyoyenzakalisa namhlanje iSuperSport. Izoza njengenjwayelo ihlangane nembila zithutha. Sikhathele iyona manje. Bopha Bhakabhaka Bopha!!!
Mbongi Dlamini: UMama-Joy ucabanga ukuthi ibhola lidlalwa ngamehlo njengoba esuke elibuka. Cha mama akunjalo umlando usengaziphinda nje.
Thula Vico Ka Magaye: Ngalo 1-0 nje wokugcina sebezibona bengadla iSSU ebabhuquzise kangaka ngesizini edlule. UKHIHLA ISILILO OGILWE NGEMPESHENI YAKHE
Dennis Phumlani Mdletshe: Amaphoyisa awathole imvume yokubheka amakhamera akwaSpar ngalelo langa nangesikhathi eyaphuma ngaso imali. Kwaze kwaba nzima.
Mlungisi Wonder Malevu: Ngicela onamandla asize bandla ibuhlungu le nto ngiyacela bantu bakithi.
Mbongi Dlamini: Kodwa noma kungathiwa usuwusikhotheni usungagila umuntu omdala kangaka ophethe izibusiso? Cha ngeke lonakele izwe. BAPHUNYUKWE yiqatha emlonyeni abashadikazi baseBhamshela, eThekwini, abaphume isibili ohlelweni iThe Wedding Bashers efinyelele emaphethelweni ngeSonto.
Lolu hlelo obelukhombisa imishado yezinhlanga ezahlukene kuleli belukhonjiswa kuM-Net (DStv channel 101).
USibonelo noZinhle Cele (abasesithombeni) bebengabane kwabayisihlanu abafinyelele esigabeni sokugcina.
Osaziwayo bakuleli akade bengamajaji uCindy Nell, Denise Zimba, Siba Mtongana noZavion Kotze, bebehambela imishado bafike babuke indlela okuhlotshiswe ngayo, ukudla nangendlela okugqokwe ngayo emcimbini.
UFranco noTaryn baseGoli, yibona abahlabene ngomklomelo ka-R800 000.
USibonelo ekhuluma neSolezwe uthe, akazisoli ngokungenela lolu hlelo njengoba kube ngenye yezinto ezimnandi ayohlala exoxa ngazo. “Ngalungenela unkosikazi engazi. Ngabona isikhangiso kuthelevishini kuthiwa kudingeka abantu abazoshada abazowina lo mklomelo obubekiwe. Ngayithanda indlela okwabukeka ngayo ngase ngizama inhlanhla,” kusho uSibonelo.
Uthe ngemuva kwesikhashana watshela unkosikazi wakhe njengoba base bemtshelile ukuthi bazowuhambela umshado wakhe.
“Kusale kancane sidle umhlanganiso kodwa siyababongela abawinile futhi kube mnandi ukuba yingxenye yalolu hlelo,” kusho uSibonelo.
Umshado wabo amajaji alolu hlelo awuncoma ngendlela owawuhleleke ngayo.
Imali, uSibonelo aveza ukuthi uyisebenzisile kuwo u-R500 000.
Kodwa amajaji ngesikhathi ebuka konke okwakukhona amtshela awangananaza ukuthi le mali ayishoyo ingaphezulu kwalokhu akubonayo.
Amajaji ancoma ingubo kamakoti, indlela okuhlotshiswe ngayo nokudla ukuthi konke kwakusezingeni.