Kusolwa owamatekisi kubulawa iphoyisa
KUSOLWA umbango wamatekisi ngokubulawa komseshi odutshulwe wabulawa esendleleni eya emsebenzini, izolo.
UCapt Amon ‘Zama’ Zungu (43) obengumseshi esiteshini samaphoyisa eMbumbululu kusolwa ukuthi udutshulwe ngamadoda amane. Abasolwa kuthiwa ngesikhathi bedubula bebehamba ngePolo kodwa babaleke ngenye imoto.
Kusolwa ukuthi lawa madoda abemlandela esuka emzini wakhe eManzimtoti, aze athola ithuba lokumdubula emgwaqweni u-R603 phakathi kwaseFolweni naseMbumbulu.
Kuthiwa ukubulawa kukaZungu kuhlangene nombango wamatekisi oqhubekayo kule ndawo.
Kuthiwa uZungu ubenamatekisi ahambela eLovu nase-Adams lapho bekusebenzela khona amatekisi kamfowabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe uZungu udutshulwe ngaphambi kokuthi kushaye ihora lesithupha ekuseni ehamba ngemoto yamaphoyisa.
Kuze kwashaya ihora leshumi umgwaqo usavaliwe. Endaweni yesigameko bekugcwele umphakathi nezihlobo zikamufi.
Umfowabo kamufi owayengumseshi esiteshini samaphoyisa eManzimtoti, uWarrant Officer Kwandakomuzi ‘Boy’ Zungu, owayebuye abe ngusihlalo wamatekisi aseMbumbulu naye wadutshulwa ehamba kuwo lo mgwaqo nyakenye.
Kusolwa ukuthi wayelandelwa yimoto encane eyayihamba abalisa abangaziwa abavulela ngemvula yezinhlamvu emotweni , iToyota Fortuner ayehamba ngayo, yaphaphalaza yaphuma emgwaqweni.
UZwane uthe imbangela yokubulawa kukaZungu ayikaziwa, kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyisa, eMbumbulu.
“Akukakaboshwa muntu, amaphoyisa asahlanganisa ubufakazi, sinethemba lokuthi sizobopha maduze.”
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal obambile uMajor General Bheki Langa, ukugxeke kakhulu ukubulawa kwelinye iphoyisa kulesi sifundazwe. “Siyakugxeka ukubulawa kwamaphoyisa, ithimba labaseshi lenza konke okusemandleni ukuze kubanjwe izigebengu.”
Umndeni wakwaZungu obusendaweni yesigameko wale waphetha ukukhuluma nabezindaba. Elinye ilunga lomndeni lithe ngeke bakhulume ngoba udaba oluzobhalwa luzobe luhlekisa ngawo. “Izithombe enizithathayo zisetshenziselwa ukuthi kuhlekiswe ngathi, asifuni kuphawula futhi asinidingi lapha, hambani,” exosha izintatheli.
ULt Col Zwane uthe esigamekweni sokubulawa kukaZungu owabulawa nyakenye akukaboshwa muntu amaphoyisa asaphenya.