Kuxwayiswa ngemvula elizoyidliva eKZN
IMVULA ena umlibe izoncipha ngempelasonto njengoba nanamhlanje kusalindelwe u-80% wemvula ezindaweni zeKwaZulu-Natal okuyiTheku, Ugu, Ilembe naseKing Cetshwayo.
Lezi zindaba zivezwe nguMnuz Wiseman Dlamini oyisazi sezulu kwaSA Weather Service KwaZulu-Natal.
UDlamini uthe namhlanje kuzona u-80% wemvula eMpumalanga yeKwaZulu-Natal bese kuna u-60% wemvula eNtshonalanga yeKwaZulu-Natal okuyizindawo ezihlanganisa uMzinyathi, uThukela, Amajuba naseZululand.
“Imvula izoncipha ngoLwesine kuya kwimpelasonto njengoba sixwayisa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile,” kusho uDlamini.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube ugqugquzele abantu ukuthi bahlale beqaphile ngoba imvula isazona.
Uthe labo abahlala emijondolo nasezindaweni ezingasosebeni lwemifula kufanele baqinisekise ukuthi baphephile ngoba umhlaba ungase uguguleke.
Uphethe ngokuthi amathimba ezinhlekelele ami ngomumo ukusiza labo abazoba senkingeni njengoba lina izulu.
Imvula ayimisile kabi abantu baKwaZuluNatal kuphela kwazise ilindelwe kuzo zonke izifundazwe ngaphandle kwaseWestern Cape njengoba eCape Town izangoma zezulu zithe izona kancane.
UMnuz Hannes Smith wakwa-Old Mutual ugqugquzele abantu ukuthi baqinisekise ukuthi imishwalense yabo isesimeni esifanele njengoba ihlobo lalo nyaka lizoba nemvula eningi KwaZulu-Natal naseGauteng.
Uthe abantu kufanele baqaphele ngokuthi bavale amawindi,izicabha nokunye okuzobabeka engozini emakhaya.
Uma beshayela uthe mabaqinisekise ukuthi bahamba emigwaqweni ephephile hhayi kwegcwala amanzi uma lina.