Isolezwe

I-Bongo Maffin izonandisa kwi-jazz

- FANELESIBO­NGE BENGU

IBONGO Maffin isafuna ukujabulis­a abalandeli bayo ngomculo omdala ngaphambi kokungena estudiyo ngonyaka ozayo.

IBongo Maffin, ebunjwe nguStoan, Jah Seed, Thandiswa Mazwai noSpeedy, imenyezelw­e njengeqemb­u elizonandi­sa ngehora lekhethelo iDJF Special Hour kwiDurban Jazz Festival, eHazelmere Dam, ngoDisemba 26.

USpeedy utshele Isolezwe ukuthi bazokhumbu­za abantu ezamzukwan­a uma sebenandis­a. Uthe uma beqashwa abathathi noma yimiphi imicimbi kodwa bathatha eyekhethel­o kuphela. “Okwamanje sisazijabu­lisa futhi siyazwana sonke. NgoJanuwar­i sizongena estudiyo bese umculi uphuma ngoFebhuwa­ri noma ngoMashi kodwa sizomemeze­la kahle izinhlelo ngoJanuwar­i,” kusho uSpeedy.

Omunye wabahleli beDurban Jazz Festival, uWanita Ngcobo, uthe okwamanje akakwazi ukuqinisek­isa isikhathi sokuthi iBongo Maffin izongena nini esiteji. Ukhumbuze abantu ukuthi kulo nyaka njengoba begubha iminyaka engu-15 umcimbi uzodonsa izinsuku ezimbili, uzoqala ngoKhisimu­si. “Kuzobe kunandisa iJoyous Celebratio­n ezongena esiteji ngo-8 ebusuku iqede ngo-1 ekuseni. Izohlaba ikhefu kanye.”

Amathikith­i aqala kuR295 eComputick­et.

Ngosuku lwe-jazz uthe amathikith­i akhona abiza ukuliseben­zisa ayi suka. uR295, R350 iGolden Circle kuthi iPlatinum VIP ibe nguR1 500.

“I-VIP ihlanganis­a indawo yokupaka, ukudla, iziphuzo ezikaliwe nokuhlala etendeni eliphakeme ukuze ubone kahle yonke into.”

Uthe olunye uhlu lwabaculi bazoliqini­sekisa ngokuhamba kwesikhath­i.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? IQEMBU eladuma kudala iBongo Maffin lizonandis­a kwiSpecial Hour seDurban Jazz Festival eHazelmere Dam ngoDisemba 26
Isithombe: SIGCINIWE IQEMBU eladuma kudala iBongo Maffin lizonandis­a kwiSpecial Hour seDurban Jazz Festival eHazelmere Dam ngoDisemba 26
 ?? Isithombe: BIG CONCERT ?? UBRANDY noBrian McKnight kulindelek­e bajabulise abalandeli babo emakhonsat­hini amane. Laba baculi base-USA kulindelek­e ukuthi bafike namhlanje. Bazoqala ngomcimbi oseSun Arena, ePitoli, ngoMgqibel­o bayivale eThekwini ngoLwesine oluzayo
Isithombe: BIG CONCERT UBRANDY noBrian McKnight kulindelek­e bajabulise abalandeli babo emakhonsat­hini amane. Laba baculi base-USA kulindelek­e ukuthi bafike namhlanje. Bazoqala ngomcimbi oseSun Arena, ePitoli, ngoMgqibel­o bayivale eThekwini ngoLwesine oluzayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa