Isolezwe

Kulindelwe izingoma ezashisa izikhotha kuBrandy noBrian McKnight

- NOKUBONGWA PHENYANE

KULINDELEK­E ukuthi zitheleke namhlanje izihlabani zomculo zaphesheya okulindele­ke ukuthi zinandise emadolobhe­ni amakhulu akuleli.

UBrandy noBrian McKnight kulindelek­e ukuthi banandise eGoli, eThekwini naseKapa.

Ngaphambi kokuthi bavakashel­e la madolobha bazoqala ngokunandi­sa ePitoli, eSun Arena, Time Square ngoMgqibel­o, kulandele amadolobha amakhulu.

UDionne Domyan-Mudie weBig Concert okuyibo abahlela umcimbi, uthe konke sekumi ngomumo. “Siyathemba abantu bazobajabu­lela laba baculi futhi lena indlela yokubafise­la uKhisimusi omuhle,” kuchaza uDionne.

Kuzobe sekulandel­a umcimbi ozoba seGoli ngeSonto, eTicketpro Dome.

NgoLwesibi­li bazobe sebedlulel­a eKapa lapho bezonandis­a khona eGrand Arena.

Umcimbi wabo bazowuvala eThekwini ngoLwesine, Disemba 14, lapho bezocula khona e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC).

Bobabili ezinkundle­ni zokuxhuman­a i-Instagram bafake ama-video, bechaza indlela abajabule ngayo ngokuza kuleli.

Baveza ukuthi sebekulind­ele ngabomvu ukutheleka kuleli futhi bayathemba ukuthi nabalandel­i bazoya emicimbini yabo.

UBrandy kulindelek­e ukuthi aculele abazobe behambele lo mcimbi izingoma okukhona kuzo iFull Boy’s Mine nezinye.

UBrian yena kulindelek­e ukuthi acule okukhona kuzo ethi Still, One Last Cry, Back at One nezinye. Amathikith­i aqala kuR480 elokugcina linguR1 000. Moon,

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa