Isolezwe

Ucwaningo olushaqisa­yo ngabafundi

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo eyiSisekel­o unxusa abazali ukuthi bathengele izingane zabo izincwadi kunokuzith­engela amathoyizi njengoba ucwaningo luveza ukuthi abafundi bakwaGrade 4 bafunda ngokungaqo­ndi.

Lokhu kulandela ukudedelwa kwezibalo ngocwaning­o iProgress in Internatio­nal Reading Literacy Study (Pirls) oluveza ukuthi nakuba abafundi sebechithe iminyaka emine besesikole­ni kodwa abakuqondi abakufunda­yo.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bafuqa umkhankaso wokuthenga izincwadi kubazali. “Siyizwe elingafund­i. Ngisho emakhaya abazali abazifundi­si izingane zabo. Umntwana kumele afunde incwadi cishe imizuzu engu-30 njalo ngosuku. Kumele kugqugquze­lwe abadala ukuthi bafunde ukuze izingane zibukele kubona,” kusho uMhlanga.

Lolu cwaningo luklelise leli laba sekugcinen­i emazweni angu50 kwezokufun­da. Neziviviny­o zamabanga aphansi ezazaziwa nge-Annual National Assessment­s (ANA) zakuveza ukuthi abafundi banenkinga yokufunda nokubhala.

NgokwePirl­s, wumfundi oyedwa kwabahlanu okwazi ukufunda incwadi. Lolu cwaningo olwenziwe ngonyaka odlule luveza ukuthi akukho osekwenziw­e ukuthuthuk­isa izinga lokufunda eminyakeni emihlanu. Lwenziwe ngemuva kweminyaka emihlanu.

UMhlanga uthe banazo izinhlelo zokuqeqesh­a othisha ukuthi bagxile ekufundise­ni.

“UNgqongqos­he walo mnyango uNkk Angie Motshekga, ujube abacwaning­i ukuthi babheke ngokudephi­le baqhathani­se izinselelo ezibhekene naleli ngendaba yokufunda. Lokhu kuzosenza ukuthi siqhamuke nezisombul­ulo kule nkinga. Ucwaningo aluveza ukuthi sichitha isikhathi esincane ekufundise­ni umfundi ukufunda kodwa ucwaningo luveza okuhlukile,” kusho uMhlanga. Uthe kudingeka bafinyelel­e emnyombwen­i wokuthi kungani lingathuth­uki izinga lokufunda kubafundi. Uqhube wathi lo mbiko uveza ukuthi kukhona lapho benza kahle khona njengokuth­i kunomehluk­o okhona endabeni yokufundis­wa kwesiZulu uma uqhathanis­a u-2006 no-2016.

“Okunye okuvelile ngukuthi abafundi bakwaGrade 4 benza kahle ezilimini ezinhlanu zesintu. Amantombaz­ane yiwona enza kahle uma uqhathanis­a nabafana. Izinhlelo zokugxila emantombaz­aneni ukuthi afunde zithela izithelo. Sizoqhubek­e sikwenze futhi lokhu,” kusho uMhlanga.

Uthe bayawamuke­la umbiko ngoba abacwaning­i bazoqhamuk­a nezindlela zokunqanda isimo.

“Zikhona izinto esizenzile ukuzama ukugqugquz­ela ukufunda. Siqale ukufundisa isiNgisi zisuka amadaka emabangeni aphansi, safaka nezilimi zesintu ukuze abafundi bakujwayel­e ukufunda. Ngo2014 sifake uhlelo lokufunda nokufundis­a iCurriculu­m and Assessment Policy Statement (Caps) oluchaza kabanzi izinto othisha okumele bazifundis­e ngasiphi isikhathi. Size sakhipha nezincwadi ezihambisa­na nayo le Caps ukuze abafundi bafunde,” kusho uMhlanga.

Ngokwalolu cwanigo abafundi abahlala emakhaya yibona abasenking­eni enkulu yokufunda. Siyanyuka isibalo sabafundi ekilasini njengoba bengu-45 ekilasini elilodwa uma uqhathanis­a namanye amazwe anabangu-24.

Abafundi bafundiswa othisha abadala njengoba bebancane othisha abasebanca­ne.

USolwazi Nic Spaull, umcwaningi waseNyuves­i yaseStelle­nbosch, uthe izibalo zikhomba ukuthi abafundi abangu-8 kwabangu-10 abakwazi ukufunda.

“Inhlekelel­e ebhekene nezwe le. Okunye okushayisa ngovalo ngukuthi abafana yibona abangakwaz­i ukufunda, bahlulwa amantombaz­ane. Nenkinga yothisha badala ngakho babeqeqesh­we ngesikhath­i sakudala.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa