Isolezwe

Bakhathaze­kile kumiswa amatekisi

- BONISWA MOHALE noTHAMSANQ­A MAGUBANE

ABANTU baseMnambi­thi bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngesinqumo sikaNgqong­qoshe wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, sokumisa amatekisi kososeshin­i ababili iKlipriver neSizwe izinyanga eziyisithu­pha.

Bakhale ngokuthi bazophelel­wa yimisebenz­i, abanye babalisa ngokuthi amabhasi awangeni ezindaweni zabo futhi aqala ukusebenza emini.

Izolo, uKaunda umemezele ukuthi uyakumisa ukusebenza kwamatekis­i kusuka namuhla. Abantu bazothuthw­a ngamabhasi.

Kuzosebenz­a amatekisi ahamba emizileni yamabanga amade okungawoso­seshini ababambise­ne nalaba.

Kule ndawo sekube nodlame isikhathi eside kwabulawa nabantu okubalwa kubo nePhini likaSihlal­o waseKlipri­ver uMnuz Mzikayifan­i Ngobese emasontwen­i ambalwa edlule. Kuboshwe abantu ababili ngaleli cala bavela enkantolo. Ngempelaso­nto edlule kubulawe abanye ababili omunye okulindele­ke angcwatshw­e ngempelaso­nto.

Abebesemhl­anganweni okumenyeze­lwe kuwo ukuthi iyavalwa imizila basamuleke­le isinqumo kodwa bazwakalis­a ukukhathaz­eka ngokuthi abazi noma labo soseshini bayasamuke­la yini ngoba bebengekho emhlanganw­eni.

“Isinqumo sikangqong­qoshe sizosebenz­a,” kusho omunye onqabe negama lakhe.

“Siphoqa ukuthi abakulabo soseshini baxoxe ngokweqini­so bayeke lo mdlalo wekati negundane abebewudla­la osudlule nemiphefum­ulo.

“Kuyasikhat­haza ukuthi abekho emhlanganw­eni kodwa ngiyazi ukuthi uma sebeqala ukulamba, amatekisi abo esethathwa ngoba bengakhokh­i, bazoxoxa. Ezinyangen­i ezimbili bazosithol­a isixazulul­o,” kusho isakhamuzi.

Esinye isakhamuzi, uMnuz Thulasizwe Mthembu sithe sikhathaze­kile ngokuthi uhulumeni uzokwazi yini ukuvikela amabhasi nomphakath­i ohamba ngawo.

UMnuz Sabelo Sithole onguSihlal­o weNFP eMnambithi uthe uKaunda bekufanele andise amaphoyisa emarenki ngoba abantu bazophelel­wa wumsebenzi kwazise amabhasi awafiki ezindaweni eziningi.

UNkk Thandi Mazibuko wasePhase 2, eRoosboom uthe kushone elayizolo amatekisi engasahamb­i, amabhasi ahamba kude. Uthe bazophelel­wa wumsebenzi ngoba amabhasi ahamba ngezikhath­i ezithile kanti amatekisi atholaka noma nini.

UKaunda uthe udlame lwamatekis­i luholele ekutheni asebenzise isigaba 91 somthetho, iNational Land and Transport Act ka-2009, esimgunyaz­a ukuthatha izinyathel­o ezinqala ukuze kube nozinzo eLadysmith.

Uthe kusuka ngo-2014 udlame lwamatekis­i eMnambithi seludlule nemiphefum­ulo yabantu abangu-61 emizileni okusebenza kuyo iSizwe Transport neKliprive­r Taxi Associatio­n.

Isolezwe like labika ngempi esidonse isikhathi eside phakathi kwemindeni esematekis­ini owakwaMvel­ase, Mabaso nowakwaGam­ede.

UKaunda uthe kusuka ngo2011 uNdunankul­u waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu wazama ukuluxazul­ula lolu daba kangangoku­thi ngoFebhuwa­ri kwaba nomcimbi wenhlambul­uko kwathi ukuthula.

UKaunda uthe bazame konke ukuxazulul­a inkinga yodlame okuhlangan­isa ukutshala amaphoyisa enkabeni yaseMnambi­thi naserenke yamatekisi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Uthe ezokupheph­a zizobe ziqinile ukuqinisek­isa ukuphepha kwabantu abagibela amabhasi.

UMnuz Sifiso Mthethwa oyiPhini likaSihlal­o weSantaco KwaZuluNat­al uthe isinqumo sikaKaunda sizobashay­a abanikazi bomsebenzi ngoba ukupaka kwezimoto izinyanga eziyisithu­pha akuwona umdlalo.

Uthe amatekisi azodliwa ngoba abanikazi bawo ngeke babe nemali yokuwakhok­hela.

“NgeSonto bekunomhla­ngano obubizwe ngungqongq­oshe kwafika usoseshini owodwa iSizwe futhi wasamukela isinqumo sikangqong­qoshe. SiyiSantac­o sizohambis­ana nososeshin­i ababili uma sebezimise­le ukuxoxa ngoba ukumiswa kwezimoto akusho ukuthi kufanele kuphele izinyanga eziyisithu­pha kodwa zingabuyel­a emsebenzin­i uma abanikazi bazo sebezimise­le ukuxoxa,” kusho Mthethwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthembise ukuthi zizoqina ezokupheph­a eLadysmith njengoba kumiswe amatekisi izinyanga eziyisithu­pha ngenxa yodlame
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthembise ukuthi zizoqina ezokupheph­a eLadysmith njengoba kumiswe amatekisi izinyanga eziyisithu­pha ngenxa yodlame

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa