Isolezwe

Ubeyithemb­a ominze eCuba

- LUNGI LANGA

UBEYITHEMB­A lomndeni nomphakath­i wangakubo umfundi waKwaNzima­kwe obenza izifundo zobudokote­la eCuba ongomunye wabafundi abaminze kwi-swimming pool kuleliya lizwe bashona.

USibusiso Ngeleka (23) ongomunye wabafundi ababili baKwaZulu-Natal abebefunde­la ubudokotel­a eCuba, abaminze bebhukuda kwi-swimming pool, kuvele ukuthi ubewusizo emndenini nasemphaka­thini. USibusiso nomngani wakhe uSihle Makhaye waKwaMhlab­uyalingana baminze kwi-swimming pool eCuba ngesikhath­i kugujwa usuku lokuzalwa lomunye umfundi.

Lokhu kuvele izolo ngesikhath­i uNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, eye emndenini kaSibusiso eyobaduduz­a emuva kokuvela kwalezi zindaba.

Uninakhulu walo mfundi, uNkk Nosipho Ngeleka (60) uthe kwakuvele kuyisifiso sakhe ukwenza izifundo zobudokote­la kodwa bengenawo amandla okumfundis­a.

“Ubengumunt­u obesithand­a isikole kangangoku­thi ubesiza nezinye izingane endaweni ezifundisa. Mina ngiwumuntu olimayo, bengimfund­isa ngemali ebengiyith­ola ekulimeni. Bengithi uma ngingalima­nga angibuze ukuthi izoba khona yini imali yokuthi afunde. Ngaleso sikhathi wayesafund­a amabanga aphansi,” kusho uNkk Ngeleka.

Uthe kusuka ekukhuleni kwakhe, umzukulu wakhe ubefuna ukuba wudokotela ngakho akubamanga­zanga uma ethi uya eCuba. UNkk Ngeleka uthe kwaba lula ukuthi bameseke ngoba wayeyokwen­za into ayithanday­o. Babengazit­sheli ukuthi angehlelwa yisehlo esimehlele. Uthe bebelokhu begcine ukuba naye ngo-2015 ngoba ehlale isikhathi esingangon­yaka engabuyeli­le esikoleni ngenxa yesiteleka samabhanoy­i esasiseFra­nce esambambez­ela ukuthi abuyele eCuba.

“Ngesikhath­i ebuyela wathi ngeke esavakasha kodwa uyobuya esengudoko­tela,” kusho uNkk Ngeleka.

Echaza isigameko sokuminza kwalaba bafundi uMnuz Thulani Nkosana oyiphini loMqondisi eMnyangwen­i wezeMpilo nongamele uhlelo lwaseCuba uthe bathola umqhafazo ngeSonto ekuseni ubabikela ngesigamek­o sokushona kwalaba bafundi. Uthe abafundi babegubha usuku lokuzalwa lomfundi waseNorth West. UNkosana uthe ngokuthola kwabo laba bafundi bobabili baphuma beyobhukud­a ngenxa yokushisa kwaseCuba.

“Ngenxa yokuthi kwakuphith­iza abanye abafundi bengaphaka­thi kwathatha isikhathi ukuthi basheshe bababone ukuthi basenkinge­ni. Ngesikhath­i bebona oyedwa kwi-swimming pool bazama ukusiza bamphuthum­isa emtholampi­lo kodwa wangasinda. Ngesikhath­i besahambil­e abanye, ababesele babona omunye umfundi ephakathi emanzini, bamkhipha bathola ukuthi useshonile,” kusho uNkosana. UDhlomo uthe noma kunzima ukuthi abazi bonke abafundi baseKZN abaseCuba kodwa ubemazi uSibusiso. Uthe umaze ngesikhath­i ephuthwe wukubuyela kuleliya lizwe okwenza ukuthi kumosheke unyaka wokufunda ngenxa yokuthi isikole saseCuba sathi akasale esehlala ngoba kwase kumosheke isikhathi eside. Uthe uSibusiso wayelokhu emshayela ucingo njalo ebuza ukuthi usengabuye­la yini eCuba. Uthe bekufanele engabe ubenza unyaka wesihlanu kulo nyaka obekuzokwe­nza abuye nabanye ngonyaka ozayo.

“Ngesikhath­i sithumela laba bafundi eCuba sasingazit­sheli ukuthi bangabuya ngamancozu­ncozu kanjena,” kusho uDhlomo.

Utshele umndeni ukuthi kusazothat­ha isikhashan­a ukubuyisa izidumbu zalaba bafundi ngenxa yemicikili­sho eminingi okufanele ilungiswe uma sezibuyisw­a. UDhlomo uthe kungenzeka zize zitheleke kuleli ngoLwesine oluzayo.

 ?? Isithombe: S’BONELO NGCOBO ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo noninakhul­u kaSibusiso Ngeleka ongomunye wabafundi abaminze kwi-swimming pool eCuba, uNkk Nosipho Ngeleka
Isithombe: S’BONELO NGCOBO UNGQONGQOS­HE wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo noninakhul­u kaSibusiso Ngeleka ongomunye wabafundi abaminze kwi-swimming pool eCuba, uNkk Nosipho Ngeleka
 ??  ?? USIBUSISO Ngeleka ongomunye wabafundi ababili abaminze kwiswimmin­g pool eCuba
USIBUSISO Ngeleka ongomunye wabafundi ababili abaminze kwiswimmin­g pool eCuba
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa