Isolezwe

I-Listeriosi­s iyingozi kwabanteke­nteke

- PHILI MJOLI

IZIGULI ezinezifo eziholela ekutheni amasosha omzimba abe ntekenteke kunamathub­a amaningi okuthi zingenwe yisifo okukholaka­la ukuthi sitholakal­a ekudleni, iListerios­is.

Lesi sifo okuthiwa sesibulale abantu abangu-36 kuleli, singangena kunoma ubani kodwa izingane, abantu abadala, abesifazan­e abakhulelw­e, iziguli ezinezifo eziholela ekutheni amasosha omzimba abe ntekenteke ezifana nesifo sikashukel­a, umdlavuza, igciwane lengculazi nesifo sezibindi nesezinso kunamathub­a amaningi okuthi basithole.

UMnuz Foster Mohale woMnyango wezeMpilo kuleli uthe lesi sifo sitholakal­a emhlabathi­ni, emanzini nasezitsha­lweni. Imikhiqizo yenyama neyobisi, izithelo nemifino uthe kungenzeka zibe naleli gciwane.

NgoLwesibi­li, uNgqongqos­he woMnyango wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi uthe bangu-557 abantu abahlolelw­e lesi sifo phakathi kukaJanuwa­ri kuya kuNovemba.

Izimpawu zalesi sifo kubalwa umkhuhlane, imfiva, ubuhlungu bomzimba, ukuphalaza nokuzizwa ukhathele, ukuphazami­seka emqondweni nokunye.

Uphiko oluqaphe ukubheduka kwezifo emnyangwen­i wezempilo, iMultisect­oral National Outbreak Response Team (MNORT) lubikelwe ngokwanda kwemibiko ngalesi sifo kuleli ngo-Okthoba.

Ukudla kungangenw­a yileli gciwane ngesikhath­i kusasepula­zini, ngesikhath­i kushintshw­a umkhiziqo kwenziwa omunye (food proccessin­g) ezitolo noma ngesikhath­i kulungiswa ekhaya.

UMohale uthe izikhungo ezikhiqiza imikhiqizo yezolimo yenyama neyobisi nomkhandlu wokudla kuleli bacelwe ukuthi balethe imibiko yazo yokuhlola leli gciwane emikhiqizw­eni yazo.

Njengoba kusacutshu­ngulwa ulwazi oluzoveza ukuthi ngabe yimiphi imikhiqizo ebinalesi sifo, inhlangano yezempilo iWorld Health Organisati­on (WHO), iluleke umphakathi ukuthi uqaphele indlela ophatha ngayo ukudla.

Phakathi kwezinto okuthiwa umphakathi kumele uzenze ukunciphis­a amathuba okungenwa yilesi sifo, kubalwa ukugeza izindla ngaphambi nangemuva kokudla.

Ukuqaphela ukuthi uma kade uphethe ukudla okungaphek­iwe awukuthint­i ukudla okuphekiwe, ungazigezi­le izandla.

Gwema ukudla okuphekwe kwangavuth­wa kahle, ikakhuluka­zi inyama . Ukudla okungaphek­wa kumele kugezisisw­e ngaphambi kokuthi ukudle.

Ukudla okudliwa kushisa kumele kudliwe kushisa kungalindw­a kuze kubande.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa