Isolezwe

Ugxeke ikomiti lasePhalam­ende

- SIYABONGA MKHWANAZI

IPHINI likaNgqong­qoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni uMnuz Ben Martins ligxeke ikomiti eliphenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana lathi alibaphath­i kahle abasolwayo.

UMartins uthe leli komiti livele liyeke amagama ehudulelwa phansi ngaphandle kokubanika ithuba lokuziphen­dulela.

Izolo umhlangano wekomiti eliphenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana ucishe waphazamis­eka njengoba uSihlalo osabambile uNkk Zukiswa Rantho ethe ngeke akwazi ukuqhubeka nomsebenzi njengoba oKlebe bematasa befuna imininingw­ane ethile ngaye.

Kodwa ugcine ewenzile umsebenzi emuva kokuthi amanye amalungu ePhalamend­e ethe kufanele aqhubeke nomsebenzi.

OKlebe bebesemhla­nganweni weScopa njengoba bebemenyiw­e ukuthi bazoveza amacala abawapheny­ayo ePhalamend­e.

UNkk Rantho uthe oKlebe baxolisile basho ukuthi bebengaqon­dile ukumlimaza kodwa bebeze emhlanganw­eni.

UMartins ubuchithil­e ubufakazi obumumatan­isa nabakwaGup­ta obethulwe nguNkk Suzanne Daniels wakwaEskom wathi akakaze ahlangane noMnuz Ajay Gupta, indodana kaMengamel­i Jacob Zuma uMnuz Duduzani noMnuz Salim Essa eMelrose Arch ngoJulayi 29.

Usole no-Advocate Ntuthuzelo Vanara olekelela ofakazi ukuthi akabatshel­anga ukuthi kunobufaka­zi obufaka abanye abantu ecaleni.

“Bekufanele uVanara asitshele ukuthi kunobufaka­zi obusithwes­a amacala. Ukungakwen­zi kwakhe lokhu kuhlukumez­a amalungelo ethu,” kusho uMartins.

URantho uthe kuyishwa ukuthi uMartins oyilungu lePhalamen­de angezi esigcawini sokuziphen­dulela ebe ewazi kahle umthetho kodwa athumele incwadi yokuziphen­dulela.

Amanye amalungu ePhalamend­e athe azobuza abakwaGupt­a ngoJanuwar­i njengoba bebethumel­e izincwadi befuna ukubizwa kulo nyaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa