Lingase ligcwale umoya kubaholi beNFP abaqavile
LISENGCUPHENI ikusasa labaholi abathile beNFP abajutshwe ePhalamende nasesiShayamthetho saKwaZulu-Natal njengoba isigungu esisha sobuholi obuphezulu esisanda kukhethwa engqungqutheleni sihlela ukwenza izinguquko.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, iPhini likaSihlalo kazwelonke weqembu uMnuz Bheki Gumbi, lithe noma ikanjani zizoba khona izinguquko abazozenza ePhalamende nasesiShayamthetho.
“Amalungu eqembu engqungqutheleni acele ukuthi kube nezinguquko ezenziwayo ePhalamende nasesiShayamthetho, osekusele manje ukuthi senze umnyakazo,” kusho uGumbi.
Uthe konke abazokwenza bazolandela uhlelo olufanele.
IPhini likaMengameli uNkk Sindi Maphumulo-Mashinini lithe bona abalambele zikhundla kodwa ngamalungu afune ukuthi kwenziwe izinguquko.
“Okwethu thina njengesigungu esiphezulu seqembu ukusebenzela inhlangano senze isiqiniseko sokuthi yonke into ihambe kahle,” kusho uNkk Maphumulo-Mashinini.
Uthe omunye umsebenzi obahlalele ukuvuselela iqembu balungiselele nokhetho luka-2019.
Uthe wonke umhlahlandlela weqembu uzodwetshwa kwingqungquthela yemigomo ezoba ngonyaka ozayo.
“Kwingqungquthela yemigomo ilapho kuzokhethwa khona nekomiti elizojuba amalungu ngoba okwamanje asinalo uhlaka olunjalo,” kusho uNkk MashininiMaphumulo.
Unxuse abazibiza ngesigungu sesikhashana ukuba baxoxisane nabo ukuze kubuyiswane.
“Ukulwa ngeke kuze kulilaphe iqembu kodwa sidinga ukuthi sihlale phansi ngoba siyizingane zandawonye sibumbane ukuze sakhe kabusha iqembu lethu,” kusho uNkk Maphumulo-Mashinini.
Okhulumela uNkk Zanele MagwazaMsibi, uMnuz Cannan Mdletshe, uthe izingqungquthela ezisanda kuhlala azikho emthethweni.
Uthe uNkk Magwaza-Msibi wakhipha umyalelo othi azime izingqungquthela njengoba kusalungiswa iqembu.