Isolezwe

Bafuna imeya icacise ngoKhisimu­si wabadala

- MLUNGISI GUMEDE

I-DA inxusa iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede ukuba iphumele obala icacise ukuthi inabo yini ubuhlobo nenkampani enikwe ithenda yokusingat­ha imicimbi yoKhisimus­i babantu abadala eThekwini.

Ikhansela leDA uNksz Sharon Hoosen lithe bayasola ukuthi uNkk Gumede noma iqembu lakhe kukhona abakuhlomu­layo enkampanin­i enikwe ithenda, iSilo Group Holdings.

UNksz Hoosen uthe nangonyaka odlule uKhisimusi wabantu abadala ubukhunget­hwe yizinkinga, wengeza ngokuthi kulo nyaka izinkinga sezinkulu kakhulu.

“Lezi zinxushunx­ushu ezenzeka emicimbini yoKhisimus­i bogogo ziyawuphox­a uMkhandlu weTheku kodwa akukho ukugxeka esikuzwayo okuvela kwiMeya,” kusho uNkk Hoosen.

Uthe uma umkhandlu uhluleka ukwenza oKhisimusi babantu abadala, ungakwazi kanjani ukwenza umsebenzi kahulumeni.

“Ngabe wenza into enhle Mam Meya uma ungasula esikhundle­ni sakho ngoba uyakuhlula umsebenzi,” kusho uNkk Hoosen.

Uthe ngisho umyalelo wenkantolo uyakuveza ukuthi kukhona okungazang­e kuhambe kahle mayelana nokukhishw­a kwale thenda.

“Uma ufunda umyalelo wenkantolo kuyacaca ukuthi le thenda kwakuvele kuhlelelwe ukuthi inikwe iSilo Group Holdings?” kusho uNkk Hoosen.

Uthe nendlela okukhishwa ngayo amathikith­i iyakhalisa.

Uthe bathole ukuthi le nkampani ayibaniki zonke izipho ogogo.

Isolezwe lihlale lithola izikhalo kubantu abadala, abanye bekhala ngokuthi bashiywa ngaphandle emicimbini yabo.

Kuleli sonto bekukhala abantu abadala base-ward 58, besola ikhansela labo ngokubakhi­pha inyumbazan­e.

Isolezwe like labika ngezikhalo zabantu abadala base-ward 103, nabo abebekhala ngokuthi bashiywe ngaphandle banganikwa amathikith­i.

Okhulumela uNkk Gumede, uMnuz Mthunzi Gumede uthe iMeya ayihlangan­i nokukhishw­a kwamathend­a, akazi ukuthi iDA izisuselap­hi lezi zinsolo.

UGumede uthe uhlelo loKhisimus­i wabantu abadala luyaqhubek­a yize zikhona izinkinga ezibikwayo ezindaweni ezithile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa