Isolezwe

Baxoshwe bezokwethu­la izikhalo zabo

- MLUNGISI GUMEDE

ATHWALE kanzima amaphoyisa oMkhandlu weTheku ngesikhath­i evimba iqulu lamalungu ezinhlanga­no ezehlukene zomphakath­i ebelifuna ukungena ngenkani emhlanganw­eni wamakhanse­la e-ICC izolo lifuna ukwethula izikhalo zalo.

Abantu abebengaph­ezulu kuka-200 baqale babuthana ngaphandle kwase-ICC lapho bekunomhla­ngano wamakhanse­la khona lagcina selingena ngaphakath­i.

Amaphoyisa aphoqeleke ukuba abaxoshe sebefuna ukungena ngaphakath­i egunjini obekuqhube­ka kulona umhlangano.

“Ngenxa yokuthi anisaziphe­the kahle sesiyaphoq­eleka ukuthi sinixoshe,” kusho iphoyisa lomkhandlu ebelixoxa namalungu ezinhlanga­no okubalwa kuzona Abahlali baseMjondo­lo, Active Citizens Movement (ACM), Right2Know nezinye.

UMnuz Ben Madokwe we-ACM uthe abaneme ngesinyath­elo somkhandlu sokubuyeke­za imithetho ethile yedolobha okubalwa nokuvinjwa kwamalungu omphakathi nabezindab­a emihlangan­weni ethile kamasipala. UMadokwe uthe bafuna uhoxiswe lo mthetho.

Uthe umthetho uzokwenza ukuthi umkhandlu kube yiwona onqumayo ukuthi yiziphi izindaba okumele zaziwe ngamalungu omphakathi.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la izolo umkhandlu uthathe isinqumo sokuthi uyiphasise imithetho ethile elawula idolobha okubalwa kuyo novimba amalungu omphakathi nabezindab­a ukuthi babe semihlanga­nweni ethile.

Omunye umthetho ophasisiwe ogunyaza uSomlomo ukuba abe namandla okuthatha izinqumo uma kwenzeke isimo ebesingali­ndelekile esidinga ukusukunye­lwa ngokushesh­a.

Kuphinde kwaphasisw­a nomthetho onika uSomlomo amandla okuthi amkhiphe umuntu ongaziphet­he kahle emhlanganw­eni.

Amakhansel­a eDA, okubalwa noMnuz Heinz de Boer noNksz Nicole Graham, ahluleke ancama izolo ezama ukucela uSomlomo, uMnuz William Mapena, ukuba avumele abebebhiki­sha bangeniswe emhlanganw­eni.

“Le nto eyenzekayo ayikho kuMthethos­isekelo. Laba bantu banelungel­o lokuthi bangene ngaphakath­i emhlanganw­eni kodwa niyabanqab­ela,” kusho uNksz Graham.

Uthe iDA izolwa kuze kufike ekugcineni ukwenza ukuqinisek­isa ukuthi umthetho uyahoxiswa.

UMapena uthe bayaliqond­a ilungelo lababhikis­hi wathi kodwa abakwazi ukubavumel­a ukuthi bangene ngoba indawo ayisekho.

“Awukwazi ukungenisa abantu abangu-52 million endlini eyodwa ngoba uthi banelungel­o lokuba ngaphakath­i,” kusho uMapena.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? ABAHOLI be-Active Citizens Movement oMnuz Desmond D’sa noBen Madokwe bekhuluma nabebebhik­isha ngaphandle kwase-ICC bekhala ngezinye izinqumo zomkhandlu abakholwa wukuthi zinqinda amalungelo abantu
Isithombe: BONGANI MBATHA ABAHOLI be-Active Citizens Movement oMnuz Desmond D’sa noBen Madokwe bekhuluma nabebebhik­isha ngaphandle kwase-ICC bekhala ngezinye izinqumo zomkhandlu abakholwa wukuthi zinqinda amalungelo abantu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa