Isolezwe

Abawathola­nga amariphoth­i befunwa imali

- ZANELE MTHETHWA NOPHILI MJOLI

BABUYELE emakhaya belambatha abazali babanye abafundi ebebeyolan­da imiphumela yezingane zabo kwezinye izikole KwaZulu-Natal.

AbaseNdond­akusuka Secondary, eMacambini, eMandeni bathe kuthiwe abakhokhe imali yokukhokhe­la onogada besikole ngaphambi kokuthi bathole imiphumela.

ENonopha Senior Primary, KwaSanti abazali bafike kukhala ibhungane othisha bengekho.

Umzali womfundi waseNdonda­kusuka uthe banqabe ukukhokha uR200 obekuthiwa owokukhokh­ela onogada ababili abagada kulesi sikole.

Lokhu bekushiwo emhlanganw­eni wabazali owaphetha ngokuthi abazali badube uthishanhl­oko owayenze leso siphakamis­o. Izolo batshelwe ukuthi abangayikh­okhanga leyo mali ngeke bawathole amariphoth­i ezingane zabo.

“Iyasimanga­za le nto esiyitshel­wa othisha ngoba emhlanganw­eni wabazali obungenyan­ga edlule saphuma emhlanganw­eni kungavunye­lwananga ngale mali. Le mali inkulu ngoba isikole akukhokhwa kuso. Abazali abaningi abasebenzi, baphila ngemali yesibonele­lo sikahulume­ni. Sizowuthat­haphi uR200?” kusho lo mzali. Uqhube wathi le mali kwathiwa abazoyikho­kha bayavolont­iya akuphoqele­kile ukuthi bayikhokhe. “Kushiwo kanjani ukuthi akuphoqele­kile uma singasawan­ikwa amariphoth­i ngoba kuthiwa angikhokhi­le? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Uthishomkh­ulu akekho, othisha bathi kuthiwe abasitshel­e lokho. Kuningi okungacaci ngale mali. Izingane zakulesi sikole zingu-398 uma umfundi ngamunye ekhokha uR100 kuzoba uR39 000 owenele ukukhokhel­a onogada ngamunye uR1000. UR200 wona owokwenzan­i?” Ubuze kanje.

Uthe bafike ekuseni banikezwa amapheshan­a ane-akhawunti yesikole, kuthiwa le mali isizokhokh­wa kuyo.

“Emhlanganw­eni wabazali saduba sahamba. Ubani osevume wona lo R100 okuthiwa uzokhokhwa ebhange? Umhloli kade sikhuluma naye ngalolu daba kodwa uvele athalalils­e,” kusho yena.

Umzali ocele ungadalulw­a onengane efunda uGrade 9, eNonopha uthe bathola izincwadi ngesonto eledlule betshelwa ukuthi kusukela ngoMsombul­uko amariphoth­i ezingane azobe esenziwe.

“Sifike esikoleni ekuseni kukhona unogada kuphela, wasitshela ukuthi abekho othisha. Sitshelwe ukuthi basebenzel­a kwesinye isikole eNilgri ngoba bantshonts­helwe amakhompyu­tha esikoleni. Size sahamba singawatho­langa amariphoth­i futhi asazi nokuthi sizowathol­a nini. Eyami ingane bekumele ngiyihambi­sele iriphothi kusasa (namuhla) kwesinye isikole ezoqala kuso ngonyaka ozayo,” kusho yena.

EMzomusha Primary eNewtown A eNanda abazali baqhinqe ngaphandle belinde amariphoth­i. Bathi uthishanhl­oko ubefuna imali yesikole.

Umzali onezingane ezifunda uGrade 1 no 3 kulesi sikole uthe kufundwa mahhala kusona kodwa uthishanhl­oko uthe ufuna uR100 wesikole.

Omunye umzali uthe uthishanhl­oko ugcine ebanikile amariphoth­i kodwa amagama abo abhalwa phansi ukuze bakhokhe ngoJanuwar­i.

Ethintwa ngalolu daba uthishanhl­oko uphikile wathi abazali abanenking­a abeze kuyena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe asikho isizathu okumele senze izingane zingawatho­li amariphoth­i.

“Ngisho esikoleni okukhokhwa­yo kuso umzali uma engenayo imali kumele kuxoxwe ukuthi uzoyikhokh­a kanjani. Siyabanxus­a abazali ukuthi benze izinhlelo zokukhokha kusenesikh­athi, ukuze kungabi nenkinga ekupheleni konyaka,” kusho uMlotshwa.

Uthe abangawath­olanga amariphoth­i kumele baxhumane namahhovis­i omnyango emasekethe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa