Kunzima konesimila esithweni sangasese
USELAHLEKELWE yithemba lokuthi uzosizakala owesifazane (40) waseMbumbulu onesimila esithweni sangasese.
Lo wesifazane ongeke adalulwe ukuze avikeleke, njengoba ephila negciwane lengculazi sekuphele iminyaka engu-10 enesimila esithweni sangasese kanti usephelelwe yithemba lokuthi usazoluthola usizo.
Uthe uqale wamilwa yiqhubu esithweni sangasese kodwa wangazitshela ukuthi lingaba yinkinga.
“Bengilokhu ngizitshela ukuthi yiqhubu elizoziphelela futhi ngangashesha ukulisukumela. Kuthe uma seliqala liba yisilonda ngaqala ngakhathazeka. Ngokuqhubeka kwesikhathi leli qhubu ligcine seliyisimila esiphuma amanzi nobomvu. Kumanje siyinkinga okungangokuthi angikwazi ukuhamba. Sengiwumuntu ohlala ngokulala endlini futhi nabantu abasathandisisi ukuba seduze nami ngoba amanzi aphuma kulesi simila ayanuka,” kuchaza owesifazane.
Uthi uphuzile ukuya ezibhedlela wathi uqale wahamba abantu ababonayo.
Abantu ababonayo uthi bamtshela ukuthi isimila siyilumbo.
Uveze ukuthi lokhu kumenze waqhubeka nokufuna usizo kubantu abelapha ngokwesintu kwaze kwaba uqala ukubona izimpawu ezimenze waya emtholampilo.
“Ngonyaka odlule ngiqale ukuzibona ngincipha, nginenkinga yokuvaleka kwenhliziyo okuyilapho engiqale ukubona ukuthi kukhona okungalungile. Ngiye emtholampilo wasoDidini ngayohlola ngathola ukuthi nginegciwane lengculazi. Ngibe sengiqala imishanguzo. Lokhu kungenze nganethemba kodwa okungiphatha kabi wukuthi inkinga yesimila ayixazululeki ngoba sisaqhubeka nokungikhahlameza. Kumanje angikwazi kwenza lutho ngenxa yaso. Sesingenele ngisho emlenzeni wengakwesokudla ngoba ubuhlungu. Angisakwazi nokuya emtholampilo sengithumela izingane ukuthi zingilandele ama-ARV,” kuchaza lo wesifazane.
Uthe kulo nyaka uqulekile eseMgungundlovu waphuthunyiswa kwesinye isibhedlela saseNorthdale wafike walaliswa amasonto amabili wadedelwa ingekho into asizwe ngayo mayelana nesimila.
Uthe usefisa noma yiluphi usizo angaluthola ukuze akwazi ukulapheka isimila.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe umnyango awuvumelekile ukukhuluma izindaba eziphathelene nezifo zeziguli.
Unxuse iziguli ukuthi zixoxe neziphathimandla zezikhungo zezempilo ezilashwa kuzo uma zingagculisekile ngokulashwa kwazo.
Uma bengeneliseki bathinte umxazululi wezempilo eKZN uMnuz Mboneni Bhekiswayo.
Uqhube wathi bacele umbiko kubaphathi besikhungo sezempilo esithintekayo ukuze babone ukuthi singasizakala kanjani isiguli.