Isolezwe

‘Yicala ukusabalal­isa i-video yengane’

- ZANELE MTHETHWA

KUHLUKUMEZ­A amalungelo ezingane ukusatshal­aliswa kwama-video azo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngoba azikwazi ukunikeza imvume kwabadala.

Lokhu kushiwo nguNksz Dumisile Nala onguMqondi­si kwaChildli­ne, othe bayakuqaph­ela ukwanda kwalawa ma-video asatshalal­iswayo. Yize amanye awo esuke ehlekisa, uthe angaba nomthelela ongemuhle ezinganeni. Uphawule nange-video ebisemathe­ni ngasekuqal­eni konyaka, ekhombisa ingane yentombaza­ne igqoke umfaniswan­o. Kule video le ngane iyahayiza, kubukeka sengathi ayifuni ukungena ekilasini. Kuzwakala amazwi abantu abadala beyihleka ngesikhath­i imemeza ithwala izandla ekhanda, ithi iyalingwa. Maningi namanye ama-video ezingane eseziphend­uke ihlaya ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Lo mkhuba uyahambela­na nokuhlukun­yezwa kwezingane. Abantu kumele bazi ukuthi ezinkundle­ni zokuxhuman­a into ihlala isikhathi eside. Okubi wukuthi ingane isuke ingazi ukuthi i-video izobonwa abantu abaningi, okungenza ukuthi uma isikhula izizwe ilahlekelw­a isithunzi. Ngisho kungabonak­ala kuyihlaya okusuke kwenzeka kodwa kuyayihluk­umeza uma isihlekwa.”

Uthe kuyicala ukusabalal­isa izithombe nama-video ezingane futhi abantu bangaboshw­a uma kuthathwa izinyathel­o.

Ungoti wezobuchwe­pheshe uMnuz Siboniso Mtshali we-Afronic Data, uthe akekho umuntu onegunya lokusabala­lisa noma yini ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngaphandle kokuvunyel­wa umnikazi wayo. Uthe ukuphasisw­a kwePersona­l Informatio­n Act kusho ukuthi angaboshwa owenza lo mkhuba. UMtshali uthe kudlulele ezinganeni ngoba kunanomthe­tho ovikela ukuhlukuny­ezwa kwezingane. “Inkinga wukuthi abantu abazi ngalo mthetho futhi akekho olandelayo ukuthi awuphulwa. Ukusabalal­isa amavideo ezingane ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuyingxeny­e yeCyber Bullying. Izingane kumele zivikelwe ngayo yonke indlela, ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba buningi ubugebengu obenzeka khona.”

Uxwayise abazali nabantu abadala ukuthi bakugweme ukufaka izithombe namavideo ezingane ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uthe njengoba kungamahol­idi kunezigebe­ngu ezishushum­bisa izingane, ezisebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a ukuzilande­la. UMtshali uthe ngokwalo mthetho wezokuxhum­ana, kuyicala ngisho ukusabalal­isa i-video othunyelwe yona. Uveze ukuthi uma noma yini esisezinku­ndleni zokuxhuman­a, kunzima ukulandela ukuthi ngubani obeqale ukuyisabal­alisa.

Kwabafuna ukubika ngokuhluku­nyezwa kwezingane bangashaye­la inombolo yeChildlin­e ethi; 08000 55 555 noma kwi-website ethi www. childlines­a.org.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa