‘Yicala ukusabalalisa i-video yengane’
KUHLUKUMEZA amalungelo ezingane ukusatshalaliswa kwama-video azo ezinkundleni zokuxhumana, ngoba azikwazi ukunikeza imvume kwabadala.
Lokhu kushiwo nguNksz Dumisile Nala onguMqondisi kwaChildline, othe bayakuqaphela ukwanda kwalawa ma-video asatshalaliswayo. Yize amanye awo esuke ehlekisa, uthe angaba nomthelela ongemuhle ezinganeni. Uphawule nange-video ebisematheni ngasekuqaleni konyaka, ekhombisa ingane yentombazane igqoke umfaniswano. Kule video le ngane iyahayiza, kubukeka sengathi ayifuni ukungena ekilasini. Kuzwakala amazwi abantu abadala beyihleka ngesikhathi imemeza ithwala izandla ekhanda, ithi iyalingwa. Maningi namanye ama-video ezingane eseziphenduke ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.
“Lo mkhuba uyahambelana nokuhlukunyezwa kwezingane. Abantu kumele bazi ukuthi ezinkundleni zokuxhumana into ihlala isikhathi eside. Okubi wukuthi ingane isuke ingazi ukuthi i-video izobonwa abantu abaningi, okungenza ukuthi uma isikhula izizwe ilahlekelwa isithunzi. Ngisho kungabonakala kuyihlaya okusuke kwenzeka kodwa kuyayihlukumeza uma isihlekwa.”
Uthe kuyicala ukusabalalisa izithombe nama-video ezingane futhi abantu bangaboshwa uma kuthathwa izinyathelo.
Ungoti wezobuchwepheshe uMnuz Siboniso Mtshali we-Afronic Data, uthe akekho umuntu onegunya lokusabalalisa noma yini ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokuvunyelwa umnikazi wayo. Uthe ukuphasiswa kwePersonal Information Act kusho ukuthi angaboshwa owenza lo mkhuba. UMtshali uthe kudlulele ezinganeni ngoba kunanomthetho ovikela ukuhlukunyezwa kwezingane. “Inkinga wukuthi abantu abazi ngalo mthetho futhi akekho olandelayo ukuthi awuphulwa. Ukusabalalisa amavideo ezingane ezinkundleni zokuxhumana kuyingxenye yeCyber Bullying. Izingane kumele zivikelwe ngayo yonke indlela, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana ngoba buningi ubugebengu obenzeka khona.”
Uxwayise abazali nabantu abadala ukuthi bakugweme ukufaka izithombe namavideo ezingane ezinkundleni zokuxhumana. Uthe njengoba kungamaholidi kunezigebengu ezishushumbisa izingane, ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzilandela. UMtshali uthe ngokwalo mthetho wezokuxhumana, kuyicala ngisho ukusabalalisa i-video othunyelwe yona. Uveze ukuthi uma noma yini esisezinkundleni zokuxhumana, kunzima ukulandela ukuthi ngubani obeqale ukuyisabalalisa.
Kwabafuna ukubika ngokuhlukunyezwa kwezingane bangashayela inombolo yeChildline ethi; 08000 55 555 noma kwi-website ethi www. childlinesa.org.za